ISIHLABANI se-Afro house, uBusiswa Gqulu, sithi siyoqeda unyaka singajoli namuntu ngenxa yokugilwa wumjolo. UBusiswa uthe uyaqala ukuhlala isikhathi eside kangaka engajoli nandoda.
"Ngiyaqala ukuhlala isikhathi eside kangaka ngingajoli. Bengihlale nginomuntu engijola naye," kusho uBusiswa kwi-The Orbit Podcast kuleli sonto.
Uthe ubephuma engena emijolweni. Eqhuba uBusiswa, wodumo lwengoma ethi Banomoya nethi My Name Is, uthe okumenze wahoxa ekujoleni ukuthi ubehluleka ukuthola umuntu wesilisa omfanele.
"Ngebhadi ngiwakhonzile amadoda kodwa ngiyasaba ngoba azongigila. Yingakho ngithathe isinqumo sokugxila emdansweni."
Uthe okubalekisa amadoda kuye ukuthi uyalawulana ngoba usuke efuna indoda yakhe nayo ithuthuke empilweni.
Yize kunjalo, uthe kumsizile ukuma emjolweni ngoba usekwazi nokuya enkonzweni. "Senginesikhathi esiningi sokuya esontweni. Mina uma ngijola, angibi naso isikhathi sokuya esontweni. Ngizovuka kanjani ngo-9 ekuseni ngeSonto, ngihleli nendoda? Sibukana emehlweni. Uzizwe sengathi impilo yakho iphelele. Uze ulibale nawuNkulunkulu" Uthe njengoba engajoli unesikhathi esanele sokubhekana noNkulunkulu.
"Ngithola nesikhathi sokuba nabangani bami nomndeni. Okuhle kakhulu ukuthi indodana yami seyiba nesikhathi esanele sokuba nomndeni nabangani bami, kunokuba nobaba ongayizali, ongumbombayi," kuphetha uBusiswa.
Isolezwe Ngempelasonto lingakusho ukuthi isoka likaBusiswa elaziwayo nguyise wengane yakhe, uKatlego Mlangeni kodwa ubudlelwano babo baphela kabuhlungu emuva kokubusiswa ngendodana ngo-2018. Ngo-2019, kwashuba kakhulu njengoba uKatlego aze avulelwa icala ngezinsolo zokushaya uBusiswa nomngani wakhe, uThemba Kubheka.