USETUSE osaziwayo besifazane abavelele emkhakheni eyahlukene kwezokungcebeleka, uNdunankulu ngesikhathi ethula inkulumo yesifundazwe. UMnuz Sihle Zikalala onguNdunankuu waKwaZulu-Natal ethula inkulumo iState of the Province Address (SOPA) namhlanje eSishayamthetho eMgungundlovu uthe makhulu amagalelo kaThuso Mbedu, Nomzamo Mbatha noNomcebo Zikode.
Lezi zintokazi zingene emkhakheni wezokungcebeleka kwacaca njengoba uNomzamo esengene kweminye yemidlalo emikhulu phesheya kwezilwandle. UThuso naye ngokunjalo ugila izimanga nokwenza babe ngabesifazane abamele kahle lesi sifundazwe saKwaZulu-Natal. Akamshiyanga ngaphandle nomculi uNomcebo wodumo lwengoma ethi Jerusalem ayenze noMaster KG.
Iqembu laseThekwini likacothoza iKholwa Brothers eliholwa uDerrick Mlambo, elinqobe umncintiswano waseRustenburg ngoDisemba nesizomela iKwaZulu-Natal eMelika ngasekupheleni konyaka. USiya Kolisi webhola lombhoxo naye akasalanga ngaphandle njengoba esezohlala eThekwini.
Ukuvezile ukuthi umkhakha wezokungcebeleka nezamaciko ungeminye yemikhakha eshayeke kakhulu ngesikhathi sikathaqa kodwa lonyaka uyathembisa uzobangcono. UZikalala uthe mningi imcimbi ehlehlisiwe nengenzekanga nyakenye kulindeleke ukuthi ibekhona kulo nyaka. Amaciko selokhu kwaqala uthaqa abhuquza emakhaya njengoba kwavalwa imcimbi okuyiyona aziphilisa ngayo.