MBALI KHANYILE
USWELE amaphiko okundiza umculi waKwaDweshula, eMzumbe ogqame kakhulu esekhulile, ngemva kokuthola isipho saKhisimusi ngeSonto.
UGawulezakhe “Sphuzo Sabantwana” Mbili, osekuphele iminyaka ehlala emjondolo kathayela, usanda kwakhelwa indlu ngamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Ubabonge kakhulu ababambe iqhaza, bafaka isandla ekwakhiweni komuzi.
“Kubo bonke abangakhele, ngithi makwande lapho bethathe khona. Ngangingazi ukuthi kuyohamba kube nje, engasekho umama owangikhulisa kabuhlungu. Lapho ekhona manje ngiyacabanga ukuthi kuvuka umunyu neminjunju kuye. Ngizwa kushisa izinyembezi uma ngicabanga indlela abewa evuka ngayo nami esaphila. Okuhle wukuthi umama uyabona lapho ekhona,” kusho uSphuzo Sabantwana.
UNksz Nontembeko Boyce onguSomlomo kwiSishayamthetho KwaZulu-Natal nobeyingxenye yamalungu abeyovula indlu kaSphuzo Sabantwana, ugqugquzele ababehambele umcimbi ukuthi bazijwayeze ukwesekana ngaso sonke isikhathi ukuze kuxazululeke izinkinga.
“Ukubambisana kubaluleke kakhulu futhi engikubone kusemqoka ukuxazululwa kwesimo sikababa uMbili nomama wakwakhe, abebengenayo indawo yokuhlala. Ngangingenayo imali yokwakha lo muzi kodwa ngokubambisana nabo bonke abafowethu esihlangane nabo ngamakhanda, sakwazi ukuphuma nesixazululo. Uma singabambisana siwumphakathi sithathe lokho okuncane esinakho singazixazulula zonke izinkinga. Akukho okungaba yimpumelelo uma umuntu ephila yedwa yingakho kubalulekile ukuthi sihlangane ngaso sonke isikhathi,” kusho uNksz Boyce.
Uthe intsha kumele ilibambe iqhaza ekuxazululeni izinkinga ezibona ezindaweni ehlala kuzo. Le ndlu ivulwe isinezimpahla kuwo wonke amagumbi. Inamagumbi amabili okulala, elokudlela, elokuphumula, ikhishi, elokugeza negumbi lokugezela.