WILLEM PHUNGULA
UKUNGASEBENZI ngenxa yemigomo yeCovid-19 kwenze usomahlaya waphusha imbiza kayise athe yelapha iphika.
UMONDLI Mzizi ongusomahlaya usengene ebhizinisini lakubo lokudayisa ngembiza yephika njengoba amaciko ebhuquza emakhaya selokhu kwavalwa izwe ngoMashi nyakenye.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto uthe, ubone kunesidingo sokuba alekelele uyise kuleli bhizinisi kwazise akukho lutho alwenzayo njengoba imicimbi ivaliwe.
Echaza ngokungena kwakhe ebhizinisini uthe, uyise udayisele abesifazane ababili ngakubo eKlaarwater abebebanjwe yiCovd-19 basinda.
Uthi yibo abasabalalise lokhu bencoma amandla ale mbiza. UMondli uthi kuthutheleke abantu kubo bezofuna le mbiza wabe yena esefaka isithombe sayo ezinkundleni zokuxhumana emasontweni amabili adlule.
Uqhube wathi emva kwesasasa elikhonjiswe ngabantu befuna le mbiza uhlele noyise ukuthi bavele bayisabalalise emarenki ahlukahlukene esifundazweni sonke.
Ngifuna ukukucacisa ukuthi aselaphi iCovid-19 kodwa selapha iphika noma ngabe lihambisana nasiphi isifo. Vele ubaba ubewenza umuthi singakafiki le sifo kodwa manje isasasa layo likhule kakhulu ngenxa yokuthi abantu abaningi abahaqwe yiCovid-19 bathathwa yilo (iphika) kakhulu,” kuchaza uMondli.
Uthe njengamanje imbiza kayise ihlolwa ePitoli yisikhungo esicwaninga ngemithi ukuze bayiphasise bese ifakwa emakhemisi.
Uthe isizathu sokuthi bayihlole kanje yingoba bafuna ukwazi ukuthi ilungele ukuthi ihlale isikhathi esingakanani koyisebenzisayo. Uqhube wathi seyitholakala emadolobheni amaningi esifundazweni okubalwa iTheku, iMpangeni, Ixopo, Port Shepstone noMgungundlovu.