ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo ngemiyalezo yokupholisa amanxeba kwisihlabane somculi esisemanzini uZahara.
Lo mculi ushonelwe wudadewabo omdala naye ongumculi uNomonde kulandela ingozi yemoto eyenzeke eMooiplaas e-East London ngokwemibo esabalele. UNomonde ungomunye wamalungu eMkutukana Sisters okuyiqembu lezintokazi zandawonye ezikhombise elikhulu ikhono ngesikhathi kuduma uZahara endimeni yomculo, nokwenza abantu babona ukuthi bazalwe befumbethe ikhono lomculo kulo mndeni.
UZahara ukuqinisekisile ukushona kukadadewabo ezinkundleni zokuxhumana wathi kodwa kunzima ukwamukela nokukholwa ukuthi akasekho ngempela emhlabeni udadewabo ebemthanda.
"Izolo bengigcina ukubona ubuso bakho ngesikhathi usemsebenzini Masithathu mtakamama. Angikwazi ngisho nokukhala ngoba kimi usaphila. Lala ndebe nkulu kababa," kubalisa uZahara ekhasini lakhe lika-Instagram.
Abangani, Izihlobo nozakwabo kwezokungcebeleka nomculo balokhu bemduduze njalo uZahara bemqinisa idolo ngamazwi akhayo.
UZahara akuqali ukugubuzelwa yifu elimnyama njengoba nango nyaka ka-2014 wathola izindaba ezimbi kudutshulwa kubulawa umfowabo.