IQEMBU lehip hop, iSkwatta Kamp, lithi liduduzwa ukuthi ilungu lalo uMusawenkosi "Nish" Molefe, elishone ngoLwesihlanu emuva kokugula, lihambe seliqedile ukwenza i-albhamu.
Ngokwesitatimende uNish (42), ushone emini ngoLwesihlanu emuva kokungeniswa esibhedlela isikhathi eside exinwe yiCovid-19. Ilungu leqembu uShugasmakx, litshele Isolezwe izolo emini ukuthi kube buhlungu ukushona kukaNish.
"Uhambe siqeda nje ukwenza i-albhamu yethu entsha. Muningi umsebenzi abantu abazowuzwa ngoba ukhona kuzona zonke izingoma futhi kukhona nevideo yengoma esisanda kuyiqopha. Umsebenzi uwushiyile, okwethu nje ukwenza isiqiniseko sokuthi uyafika ezandleni zabantu," kusho uShugasmakx.
Uthe i-albhamu nakanjani izophuma kulo nyaka "futhi naye uNish ubelokhu esho ekhasini lakhe le-Instagram, sesilinde nje ukuthi siyidedele". Uchaze uNish njengomuntu obethanda amancoko kodwa ekwazi ukuphuma ekudlaleni uma sekumele kwenziwe umsebenzi. Uthe ubengakhulumi kakhulu isikhathi esiningi.
"Yena noFlabba (ongasekho) yibona abebebadala eqenjini, izinto eziningi nendlela siyifunde kubo ngoba bebephambili ngomsebenzi. Basikhombisile ukuthi izinto zingenzeka. Sifunde kubo sathuthukisa amakhono ethu ngoba sifuna ukufana nabo, ngenhlanhla futhi sasebenza eduze nabo," kusho uShugasmakx
Uthe abantu abaningi bebembona sengathi umuntu othule kodwa ubehlanganisa iqembu ngomoya wakhe.
"Iqembu lonke belincike kuye nokuthi iqembu kumele lisebenze kanjani. Ubedlala indima enkulu kakhulu."
Imininingwane yokungcwatshwa kwakhe ibingaqinisekiswa.
ISkwatta Kamp, yiqembu elazakhela udumo eminyakeni edlule ngezingoma okubalwa kuzo ethi Umoya nezinye. Selake lanqoba imiklomelo ehlukene okubalwa kuyo nemibili yeBest Rap kumaSouth African Music Awards.