UKUVALWA kwemcimbi nezinto ezimfakela imali kumenze wazama amanye amathuba azomenza akwazi ukuziphilisa usaziwayo osedayisa amaqanda. UZodwa Wabantu useqale ukudayisa amaqanda nolamthuthu ukuziphilisa. Uvuka njalo ekuseni njengabantu abasebenzayo ayodayisa amaqanda ezindaweni ezahlukene eGoli. Lokhu kuchaza abantu abaningi njengoba bebonakala beqhamuka ezindaweni ezahlukene bemeseka ngokuthenga amaqanda.
Abapheki bezindawo zokudla ezahlukene nabo bakhombise okukhulu ukumeseka uZodwa Wabantu ngaleli bhizinisi lakhe. Iningi lalaba bapheki libonakala lithenga amaqanda ngamabili nangaphezulu ukuqinisekisa ukuthi bamnikeza inzuzo ethexaxa. UZodwa Wabantu ubukeka naye elithakasela kakhulu leli bhizinisi nangendlela awaphatha ngayo amakhasimende kulama video awasabalalisa ezinkundleni zokuxhumana ebonga kubantu.
Osaziwayo nabo bakhombise okukhulu ukumeseka okubalwa uKelly Khumalo okewabonakala elande olamthuthu ababili, uNtando Duma noDineo Ranaka bezothenga amaqanda nabanye abasaqhubeka nokuthenga. Kukhona nowesifazane ovele waqopha umlando ethenga amaqanda ka-R3000 eyedwa.