INKAKHA yomlingisi ithi icela ukuyekwa ibhoboke ngomshado wayo owaphela nokungenye yezinto ezacishe zaqeda ngempilo yayo. USello Maake kaNcube ongumlingisi nomdidiyeli wemidlalo eyahlukene okubalwa neyeshashalazi uveza ukuthi sesi side isikhathi efele ngaphakathi ngokuhlukumezeka emshadweni.
USello phambilini wayeshadelwe uPalesa Mboweni namsola ngokuthi usebenzisa zonke izindlela zokufuna isondlo. Lo mshado walaba bobabili wango-2015 awuzange uqede ngisho unyaka kanti wawuhlanganisa amafa nosekwenza kube nzima uma sekuhlukaniswa. Lokhu uSello uthi kade ayezama ukukugqiba elwa ngazo zonke izindlela ukuthi angakhulumi ngezinkinga ezikhungethe isehlukaniso somshado wakhe. Uveze ukuthi ubelokhu esatshiswa ngokuthi konke okwenzeka empilweni yakhe nokuphathelene nomshado kuzoputshuzelwa abezindaba.
"Akube uNkulunkulu ongehlulelayo, umonakalo owenziwe obengunkosikazi wami eceleka phansi isithunzi sami ungishiye ngisangene. Ngeke ngisayiphatha eyokulahlekelwa imali. Uma uNkulunkulu evuma ngifisa ibisixazululekile lento ekupheleni kukaMashi. Ngicela ningivumele ngibhoboke kade ngithule,"kusho uSello.
UPalesa kuvela nezinsolo zokuthi ufuna uSello akhokhele nezindleko zomthetho zika-R200 000. USello yize ebhekene nalezi zinkinga kodwa usethole ingoduso entsha uPearl Mbewe aveza ukuthi ungowesifazane owehlukile nonothando aludingayo.