USEKULINDELE ngabomvu ukuba umama umsakazi obuye alingise osanda kuveza ukuthi uzithwele, uRelebogile Mabotja.
Lomsakazi we-702 ube sematheni ezinkundleni zokuxhumana izolo efaka izithombe zakhe kuTwitter eveza isusu ekhulelwe. Uveze ukuthi usebala izinyanga ayishaye phansi ingane yakhe yize engazange acacise ukuthi ngabe ingane yomfana noma eyentombazane.
URelebogile uthe noma kusadlule amasonto awu-30 kuphela ekhulelwe kodwa usehlulwa nawukulinda njengoba esejahile ukuteta ezwe nokuthi kunjani ukuba wumzali.
"Ngifiseleni inhlanhla ngizoba nomphathi omusha. Sengijahe kabi ukukubona nunuza wami," kusho uRelebogile.
Yize izinto eziningi kusewuqagela kodwa kubukeka sengathi uzoteta ngoMeyi.
🤰![CDATA[]]>🏽May 2021 👶![CDATA[]]>🏽#CoverMom #BatswadiMaghttps://t.co/BbzrzA416n@BatswadiMag pic.twitter.com/nnb46YCmjV
— Relebogile Mabotja (@RelebogileM) March 19, 2021
URelebogile uzakhele igama kwithelevishini elingiswa emidlalweni okubalwa kuyo iGenerations nakwiRhythm City kanti uke waphatha nohlelo lwezingane ku-e.TV iCrazE.
Izindaba zokukhulelwa kwakhe zithakaselwe abaningi ezinkundleni zokuxhumana, ehalaliselwa ngisho nawosaziwayo.