SEYIZE yafika indodakazi yomculi weMafikizolo ekade eyilindele kusukela nyakenye. UTheo Kgosinkwe nonkosikazi wakhe uVourne sebebusiswe ngendodakazi abayethe ngokuthi u-Oratilwe Alexis. Le ndodakazi yabo efike ngeSonto emhlabeni sebeqalile ukunameka izithombe zayo ezinkundleni zokuxhamana.
Nabo benze njengabanye bosaziwayo abathwebula izingane zabo sakuzifihla uma zisanda kufika emhlabeni. UTheo selokhu aqala ukunameka izithombe zikankosikazi wakhe esenezinyanga ezimbalwa ekhulelwe. Lokhu bekuhlala kwenza abantu abaningi bamtuse ngokuba umyeni okhombisa uthando.
Imiyalezo enothando ebabongelayo laba bobabili ngokuthola indodakazi ilokhu ingenile kubalandeli babo. Abanye bosaziwayo nabo bayabonakala emakhasini ka-Instagram alaba bashadikazi bebabongela. Okwamanje akukho okutheni abasakusho nabasakuveza ngendodakazi yabo nokulindeleke ukuthi uma kuhamba isikhathi ibonakale nobuso le ngane.