UMETHULI wezinhlelo zethelevishini owashonelwa umyeni engozini yemoto eminyakeni emibili eyedlule usedalule ukuthi useyamazi umyeni wakhe olandelayo.
UKayise Ngqula ozakhele udumo ngohlelo lwemishado i-Our Perfect Wedding, usho kanje ekhasini lakhe kuTwitter elisachwaza imibono yabantu ngalokhu. Akazange anabe kakhulu ngokuthi ngabe useqomile yini noma ngabe kukhona umshado thizeni athenjiswa wona.
"Ngicabanga ukuthi sengiyamazi umyeni wami omusha,"kusho uKayise maqede wazithulela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2019 uKayise waba sengozini yemoto enyantisa igazi nomyeni wakhe ongasekho uFarai. Le ngozi yagcina ngokumthathela umyeni wakhe nokwaba isigameko esathinta izinhliziyo zabantu abaningi. Nyakenye uKayise uke waphumela obala okokuqala emuva konyaka wakhuluma nabanye besifazane abangafelokazi mayelana nezimo ababhekana nazo ngokushiwa abayeni besebancane.
I think I’ve met my next husband...💛
Ukumemezela lokhu ezinkundleni zokuxhumana kwenze abantu abaningi bamjabulisa bebona ukuthi uyaqhubeka nempilo emuva kwesimo abhekane naso.
UKayise ubabaze indlela abantu abawuthathele phezulu ngakhona lombhalo wabashiya nelokuthi uyasola ukuthi umyeni wakhe omusha waqale wamboniswa ngokomoya.