UMDWEBI omangaze abaningi ngoLwesine etheleka esigodlweni seSilo samaBandla KwaNongoma nemidwebo emibili uthe nakanjani nowenkakha yomlingisi uMenzi Ngubane umdwebo ukhona.
ULebani "Rasta" Sirenji uthe ngesikhathi ematasa nemidwebo yeSilo ubematasa eceleni nomdwebo wesilomo somlingisi esingasekho emhlabeni uMenzi Ngubane. Lo mdwebo kaMenzi uthe ngeke awudedele engakaqedi ngawo ngoba lokhu kwenza abantu bagcine sebemenza ihlaya nomsebenzi wakhe wehlelwe yizinga.
URasta uthe umdwebo kaMenzi oke wabonakala ezinkundleni zokuxhumana unamekwe nesithombe seSilo bekungewona owakhe. Uthe akazi ukuthi abantu bakuthathaphi ukuthi useqedile ngale mdwebo ekubeni leli bekuyisonto elinzima kakhulu kuyena njengoba bebaningi abantu abakhulu ebekumele abadwebe. "Ngimatasa nokudweba uMenzi ngisabheka nendlela engizokwenza ngayo ukuhambisa lo mdwebo ngoba kunemthetho yeCovid-19," kusho uRasta.
Umlingisi wesifazane naye oshone ngokulandelana noMenzi uNoxolo Maqashalala uthe akamshiyanga ngaphandle umatasa nomdwebo wakhe azomhlonipha ngawo bese ewudlulisela emndenini.
Mayelana nokuya kwakhe KwaNongoma uthe bekudinga ukuthi aqunge isibindo njengoba ebesevele exwayisiwe ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwaba khona nabamsabisayo.
Yize imidwebo yakhe idumile futhi nabanye bosaziwayo benayo kodwa akumenzeli umehluko otheni njengoba engatholi mali ngayo. URasta uma kumele ahambise umdwebo kwesinye isifundazwe ugibela ibhasi ngobumnyama ukuze afike ekuseni engasezodinga indawo yokulala.
Ngelinye ilanga kuyenzeka aswele nemali yokugibela yize edumile. Noma kunjalo ukudweba umsebenzi awuthandayo nawuzwa egazini futhi unesifiso sokuba nendawo yakhe yokwenza umbukiso ngomsebenzi wakhe nokwenza adwebe izithombe ngambili; azosipha umndeni nesinye asigcinayo ukuze sibe yingxenye yombukiso.