ISILOMO seciko elidume ngokudweba osaziwayo siveza ukuthi leli sonto limatasa kakhulu kodwa abantu abangakholwa noma yini emataniswa naye ezinkundleni zokuxhumana.
ULebani “Rasta” Sirenji uthi ucela abantu behlise umoya bangamtatazelisi ngoba usematasa nomsebenzi wokudweba iSilo samaBandla, uMenzi Ngubane kanjalo noNoxolo Noxee Maqashalala.
Kusukela ngoMsombuluko ziqalile ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana izithombe okuthiwa ngezomdwebo kaRasta kuvela iSilo, uMenzi Ngubane noNoxee.
URasta uthe abantu abangakholwa nanoma yini esabalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ngoba imidwebo esafakiwe akuyona eyakhe. "Ngimatasa nokudweba iSilo noMenzi, ngisahlalelwe nawu mdwebo kaNoxolo. Ngizowufaka owami umsebenzi uma sengiqedile. Benginazo izinhlelo zokuyihambisa emndenini (imidwebo) kodwa ngimiswe imigomo yeCovid-19, ngisacabanga indlela engizomisa ngayo ukubheka phambili," kusho uRasta.
Eqhuba uthe abantu bayathanda ukwenza umsindo ngomsebenzi wakhe bagcine sebekholwa namampunge asabalala ezinkundleni zokuxhumana. Uthe ukusabalala kwezithombe okungezona ezakhe kugcina sekumqhatha nabantu abanye baze bamsabise ngoba kukhona abagangayo.