UZIME wakukeli usengenelqe umkhankaso wokukhuthaza abantu ngokubaluleka kokusukumela izifo zengqondo. UShudufhadzo Musida onguMiss South Africa namhlanje ebusuku ngo-7 uzovula inkundla ezinkundleni zokuxhumana lapho ezobe ekhuluma khona ngezengqondo
Ezinsukwini ezedlule umemezele kwikhasi lakhe lika-Instagram ukuthi usethathe isinqumo sokukhuluma ngezimo zempilo kodwa uzogxila kwizifo zengqondo.
Uveze ukuthi akakhulumi nje kuphela ngokugula komuntu kodwa nesimo sabantu abahlala nabantu abaphethwe yilezi zifo. Ukusukumela nokunakekelwa komuntu osuke egula ngezinye zezinto aveze ukuthi ufisa ukugxila kakhulu kuzo.
Selokhu eveze lokhu abantu abaningi bawuncomile umqondo wakhe. Lolu hlelo kuzobe kungelokuqala ngqa namhlanje kodwa seluvele lunabantu esebelibheke ngabomvu.