UMLINGISI weMbewu, uPhindile Gwala-Ngandu, usobishini emuva kokuba umfundi waseMgungundlovu, emvulele icala lokumshaya ngenhloso yokumlimaza nelokuphahlaza phansi ifoni yakhe.
UNompilo Beryl Mkhize (23) waseMgungundlovu, uthi uyosikhohlwa efile isenzo somlingisi odlala indawo kaFikile kwiMbewu futhi owaduma kakhulu ngekaNonny kuMuvhango.
UNompilo uthi uPhindile umhlwithe ifoni yakhe ayithenga ngezithukuthuku zakhe, maqede wayisakaza phansi ngaphambi kokumklwebha ebusweni. Echaza uNompilo uthi ubesendaweni yobumnandi eMgungundlovu ngoLwesihlanu ebusuku, futhi bese kuzovalwa ngesikhathi evelelwa yilesi sigameko.
"Ngibe sengiqala ukushutha ama-video ngaphandle ngesikhathi ngisalinde umngani. Besengizoyeka ukushutha sengizocela imoto ezongiyisa ekhaya ngesikhathi kuphuma uPhindile Gwala uqonde ngqo kimi, ehambisana nomngani wakhe ememeza ethi: 'Nangu omunye', ecabanga ukuthi bengimshutha. Ngiyacabanga."
UNompilo uthe uPhindile ufike wagxavuna ifoni yakhe, wangena lapho kugcinwa khona izithombe maqede wacisha i-video yokuqala ayitholile. Uthe umngani kaPhindile ubelokhu ememezile ethi 'Awuceli ngani.'
"Bengisashaqekile ngesikhathi uPhindile ephahlaza ifoni yami. Wayithatha wayiphihliza ngibhekile. Ifoni ngayisebenzela kanzima ukuthi ngiyithenge, " kuchaza uNompilo.
Uthi okumphethe kabi wukuthi ifoni beyigcwele izinto ezisemqoka okubalwa kuzo imisebenzi yesikole nokunye akusebenzisa uma efaka izicelo zemisebenzi. "Emuva kokubulala ifoni yami ungigxavunile maqede wangiklwebha ebuseni. Kubuhlungu uma sizolinyazwa ngabantu esibakhonzile nesibukela kubona."
Ubuye wadalula ukuthi lefoni ubeyisebenzisa nasekuthameleni amakilasi ngezinkundla zokuxhumana nokwenza ama-assignments. Ebhekise kuPhindile, uNompilo uthe: "Ngiyabonga ukuthi ngizwe ubuhlungu ngenxa yakho ngoba ubuhle nezinto ezinhle zifanele wena kuphela."
CHARLES KHUZWAYO
Uthe okubuhlungu ukuthi uzamile ukukhuluma noPhindile ngesenzo sakhe kodwa wabalekiswa ngenye insizwa edumile yaseMgungundlovu. Eqhuba uNompilo uthi nenomngani wakhe banikele esiteshini samaphoyisa esisemgwaqweni uLoop, lapho beqale baboshelwa ukwephula imithetho yokuvalwa kwezwe njengoba bese sishaye sedlula isikhathi sokugcaluza emnyango kodwa bahlawula ngoR1 500 umuntu ngamunye ngaphambi kokuvulela uPhindile amacala.
Esephetha uNompilo unxuse ukuba ajeze uPhindile ngalesi senzo ngoba simhlambalaze kakhulu emphakathini wangakubo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaPhindile ayiphumelelanga njengoba ebengazibambi izingcingo futhi kwahluleka ngisho esethunyelelwa imiyalezo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa aseKZN, uColonel Nqobile Gwala esalindele umbiko emaphoyiseni aseMgungundlovu. Abantu abaningi bashiye abangalazi kuPhindile futhi bemgxeka ngalesi senzo.