SELOKHU ephumele obala ngokulaxaza ubungoma umlingisi wakuleli akakutholi ukuphumula ngoba bangcofa njalo ezinkundleni zokuxhumana.
UPalesa Madisakwane, ongunina wendodakazi kaSomizi Mhlongo, uBahumi, unameke ividiyo ezinkundleni zokuxhumana engqongqisa imvunulo yobungoma wathi usebuyela ekubeni yikholwa.
Selokhu kwenzeke lokhu abantu babeka imibono ehlukene kanti abanye bathi osaziwayo sebekwenza isitayela ukuthwasa ngoba abanawo amadlozi. Abanye bamsola ngokushisa izimpahla zobungoma bathi kungamdalela izinkinga kanti abanye bakhala ngokuthi udidekile ngesinqumo sakhe.
UPalesa useqophe ividiyo lapho echaza ukuthi uyazibona zonke izinsolo futhi ngeke aqophisane nabantu kodwa yena uzohlala okholweni nalokhu okumsebenzelayo njengamanje. Ukushisa izimpahla zobungoma nokukhuluma ngezwi likaNkulunkulu kubuka izwe lonke, uthe yinto angazisoli nakancane ngayo.
"Ngeke ngixolise kubantu abathintekile ngoba njengamanje angidingi kugunyazwa abantu ngoba uNkulunkulu ungamukele. Uma uphoxekile noma ungahambisani nengikwenzayo ungayeka ukungilandela. Ngiyazi singabantu sehlukene, kunezinkolo eziningi futhi sikholelwa kokwahlukene kodwa lana isekhasini lami le-Instagram," kusho uPalesa.
Yize engaxolisi ngokushiya ubungoma kodwa uthe kwabazwelile noma okungahlalanga kahle kubo baxole kodwa usamile ekutheni akaxolisi ngesinqumo sakhe.
Ephetha uPalesa, uveze ukuthi uNkulunkulu uyikho konke empilweni yakhe futhi uyakuqonda ukuthi lokhu okwenzekayo kuyingxenye yezimpi zasemhlabeni ezingathi shu, nakancane emandleni oMoya oyiNgcwele.
"Angizenyezi ngezwi likaNkulunkulu, ngiyazazi ngingubani futhi ngimiphi okholweni. Ngiyazi asilwi impi yenyama kodwa yemimoya kodwa uMoya oyiNgcwele usinikeza umoya wothando," kusho uPalesa.
Kwenzeka lokhu nje, ngoSepthemba uThabiso Mokhethi owaduma kakhulu ngesikhathi edlala indawo kaSamuel kwiGenerations eminyakeni eyedlule, uthathe isinqumo esifanayo.