UMA kukhulunywa ngabaculi bokholo abakwazi ukushaya ingoma ethinta unembeza kuhlangene amabandla ahlukene kusuke kukhulunywa ngo-Ayanda Ntanzi.
Yize esemncane ngokweminyaka kodwa amagalelo akhe emculweni aseyazikhulumela njengoba evunywa amabandla ahlukene ngokukwazi ukungena khaxa ezingomeni zawo.
UNtanzi muva nje uzakhele ugazi ngokuqhulula izingoma zesihlabelelo zebandla lakwaShembe.
UNtanzi obe nengxoxo ekhethekile nohlelo iJabulujule kaLady D kuKhozi FM, uveze ukuthi unina washona emncane kakhulu kodwa waba nenhlanhla yokukhulela ekhaya labantu abazanayo noNkulunkulu naye wakhuliswa ngemfundiso efanayo.
Ibandla lakwaShembe uthe wangena nakulo nokwenza akwazi ukuvuma ezesihlabelelo.
"Umama wahamba ngo-2001 ngineminyaka eyisishiyagalombili, ngakhuliswa odadewabo bakamama bangiphoqa ukuthi ngiye esontweni. Ugogo uma ehamba emhlabeni ngicabanga ukuthi ngangineminyaka eyisithupha, ekhonza eLuthela ewumsizikazi. Sakhula nento yaseLuthela kodwa kukhona nobuNazaretha. Kunento evalelwe kuleziya zihlabelelo abantu abangakayiqondi, bayoyiqonda kudala," kusho uNtanzi.
Uma kushona unina wangena usontosikole eTopiya nokwenza waba nolwazi ngamahlelo amabandla ahlukene okubalwa neWeseli.
"Uma uthinta iTopiya usuthinta amaWeseli, lapho sengishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngoba inobuhlobo. Senginokuqonda nokwazi kabanzi ngala mabandla womabili. Ngibe sengihlala KwaSwayimane ngakhonza eZayoni isikhathi esingaphezulu konyaka. Kwafika isikhathi sokuthi ngibuyele eThekwini," kusho uNtanzi.
Abalaleli bayithakasele kakhulu le ngoxo bamtusa nangokungakhethi bandla kodwa avume nabo bonke abantu.
Ngaphandle komculo uNtazi ubuye agxile esikoleni kanti kuyimanje usengummeli kwezomthetho.