OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe “Zulu Charmer ” Mchunu, uthi ubengahlohli abantu ukuthi bashaye indiva imigomo yeCovid-19 kodwa bebevukwe wusinga namabutho.
UNgizwe ubonakale evunule ekhiphazela eze wabhudla nesihlangu, esho ngeheheba lehawu ehamba aze asikizele.
Lo msakazi uphawule nge-video yakhe esabalele ehambele ukutshalwa kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu esigodlweni, KwaKhethomthandayo, ngoLwesine.
Kule video, uzwakala ethi ayikho indaba yemigomo yeCovid-19 aze athuke ngisho inhlamba.
“Kuyogqagqana bona laba abafake amasudi amnyama, thina cha ngeke. Kumnandi ukuba yibutho bafana bakithi ngoba awuyingeni indaba yokugqagqana, ’’ kusho uNgizwe kwenye i-video.
Uphinde azwakale ehlohla amabutho, ekhuluma nomkhuzi wawo, uMgilija, ethi amadoda angekho angamagwala. Ngesikhathi ebuzwa ngalokhu, uvele wavuka ngolaka, wakhuluma kakhulu ememeza ethi abantu mabangadideki ngoba ucacisile kwenye i-video ukuthi abadala nabagulayo bangezi, akuhambe abasebasha.
“Phindelani ku-video yami niyolalela kahle lapho bengisho khona ukuthi akuhambe thina esisenomnkantsha olula. Besingeke siyeke ukuyotshala inkosi yethu ngoba nabe-ANC babeminyene beyongcwaba ubaba (Andrew) Mlangeni eGoli bavukwa yimizwa ngoba yiqhawe labo,’’ kuchaza uNgizwe.
Uqhubekile wabhoka, esho khona ukuthi akafuni ukufunzwa amagama yena. Uthe kukhona lapho ibutho eliphazame khona kodwa akubanga nomonakalo.
“Ukusabisa amaphoyisa nokufohla ngenkani bekungafanele kwenzeke ngoba amaphoyisa angabantu bomthetho kodwa nawo abonile ukuthi asiqondile okubi,’’ kuchaza yena.
Okhulumela indlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe ngeke basho lutho ngalolu daba.
“Thina sishonelwe, ngeke sizixake ngokuthi sizophawula ngabo bonke abantu abakhuluma izinto zabo. Sizama ukubhekana nesimo, ukunaka labo bantu kosisiza ngani?’’ kusho uMntwana uThulani.
Bekuminyene utshumo endlunkulu amabutho eviliyela engafake ngisho izifonyo, engazi nanyaka.
Kuphoqe ukuba akhuzwe wuNdunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi. UShenge ethula inkulumo emsakazweni, uKhozi FM, ukhulumile ngokwephulwa kwemigomo, wathi kumphathe kabi. “Kukhona ozwakale ethi fokofo indaba yemigomo yeCovid-19 kanti bekukhona abantu bebuthene beyinqwaba iningi labo lingazifakile izifonyo. Umonakalo cishe uzoba mkhulu emuva kwalokhu,’’ kuchaza uShenge.