AKAYIBONI into esisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana umrepha wakukeli u-AKA kulandela imibuzo ngombhalo wendodakazi yakhe uKairo ngokukhothama kweSilo samaBandla.
U-AKA uphendule ekhasini lakhe kuTwitter eveza ukuthi akayiboni into emangaza abantu abaningi ngokubhonga emswaneni kwendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu. Lokhu kulandela ukuthi kuqubuke umsindo ngenkathi kusabalala umyalezo kaKairo ezinkundleni zokuxhumana obubhalwe ekhasini lakhe ku-Instagram .
Lo myalezo kaKairo ubuzwakalisa ukudabuka ngokukhothama kweSilo evalelisa. " Isizwe silahlekelwe yiNkosi, hamba kahle Silo samaBandla Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu," kubhalwa ekhasini lika-Instagram laKairo.
Abantu baqale lapho ukushaya amakhala ngalo mbhalo ogcine ususabalala nakuTwitter. Babodwa abakhononda ngokuthi uKairo akasazi iSilo futhi akufanele engabe ufakwa ngekhanda ezintweni ezithinta abantu abadala nezindaba ezingakamdingi ngokweminyaka yakhe. Abanye baveze ukuthi basola ukuthi omunye wabazali bakhe ombhalele nokuyinto ebingenasidingo.
Ephendula ekhasini lakhe likaTwitter u-AKA uzwakalise okukhulu ukudumala ngendlela abantu abaphawula ngayo benze sengathi kunephutha okwenziwe yindodakazi yakhe. "Yini emangazayo? Ukuthi ingane eneminyaka emihlanu ilandela imvelapho yayo?," kubuza u-AKA.
Eqhuba uthe kulaba abathi akanalwazi ngeSilo kumele bazi ukuthi kuningi angakwazi akholelwa kukho njengezinye zezinganekwane azixoxelwayo.