USIHLALO weRoyal AM F.C. oyindodana yenjinga yaseThekwini, uShauwn Mkhize ufisa ukusiza izitshudeni ezintulayo.
U-Andile Mpisane, obuye abe ngumculi ubehlanganisa iminyaka engu-20 ngesonto eledlule, ukhethe ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokunikela imali enguR200 000 kubafundi basemanyuvesi abaswele.
"Inkinga yemali yokufunda yasemanyuvesi iyinto okumele ihluphe wonke umuntu waseNingizimu Afrika,“ kusho u-Andile.
“Ukuhlunga labo abazosizakala kuzoncika ekutheni leso sitshudeni siphuma esimeni esinjani sasekhaya, njengokungabi nabo abazali. Ekugcineni sihlele ukuthi kugcine kusizakale izitshudeni zakuzo zonke izifundazwe,” usho kanje.
Uthe ngokwakhe ufisa sengathi angaba namandla okwenza lokhu minyaka yonke futhi sekusele kubantu bakuleli ukuthi bahlanganise amakhanda ukuze uqhubeke lo mkhankaso.
"IsiZulu sithi, izandla ziyagezana, yingakho nginxenxa wonke umuntu nosomabhizinisi ukuthi benze lo mkhankaso ube ngowaminyaka yonke,“ kusho u-Andile.
Ebuzwa ngokuba nengane noDJ Sithelo, uthe kuyinto ayijabulela kakhulu empilweni yakhe futhi azizwa ebusisekile ngayo.
“Ngenxa yokuthi lokhu kuyinto ethinta impilo yami yangasese, kangithandi ukukhuluma ngigxile, ngakho njengoba ngithanda ukuthi impilo yami yangasese ngingayihlanganisi nodumo lwami,” kusasho u-Andile.
Uphethe ngokuthi ufisa ukugqugquzela wonke umuntu wakuleli ngokuthi angaliphonsi ithawula ngenxa yobunzima izwe elibhekene nabo kodwa bahlale ethembeni lokuthi sizogcina siyinqobile le mpi esibhekene nayo.