Umculi ongaconsi phansi ngenxa yamanoni ezingoma zakhe, usolwa ngokunqaba ukukhokhela izindleko zemoto “yobe yintombi yakhe” okuthiwa uyishayisile ngesikhathi imboleke yona.
Kuthiwa uMnqobi Yazo, usolwa ngobe yisinqandamathe sakhe uNondu Ngcobo, futhi sithi asisazi ukuthi kumele senze njani ukuze umculi akhokhele izindleko zokushayiswa kwemoto yaso.
Umthombo weSolezwe ngeSonto osondelene nowesifazane, uthe uNondu uphatheke kabi ngesenzo sikaYazo futhi ufuna usizo ngoba kuthiwa akayingeni umculi indaba yokulungisa imoto.
“ UNondu usefuna noma yiluphi usizo ukuthi uMnqobi Yazo agcine ekhokhe izindleko zokukhanda imoto yakhe. Ubemboleke imoto ngonyaka odlule, wayishayisa yalimala yaphela. Lesi senzo sikaYazo sidale ukuthi izinto zingahambi kahle phakathi kwabo, baze bathatha nesinqumo sokuhlukana. Bebehlala ndawonye emzini kaReggie Nkabinde, ongumphathi weMabala Noise, esayine uMnqobi Yazo,” kusho umthombo.
Ethintwa uNondu ngalolu daba uqale wathembisa ukuthi uzobuye afone ngenxa yokuthi ubambeke emihlanganweni embalwa. Emyalezweni athunyelelwe, uphendule ngokucela ukuthi udaba luxoxwe noYazo ukuze kutholakale lonke ulwazi ngalo.
Kuthintwa uYazo uvele wahleka, akangaphika futhi akangavuma lutho.
“ Nkabi yami bengithi njengoba ungithinta nje, uzongitshela ukuthi mhlawumbe kunendondo engiyiwinile. Akukho engingakusho ngaphandle kokuthi ukuphuma ephepheni kusho udumo kumina njengomculi. Noma ngabe kuthiwani ngami lokho kusho udumo ungabhala noma yikuphi. Okunye engingakusho ukuthi angiyena umuntu othanda ukudalula izindaba zami esidlangalaleni,” kusho uYazo.
Kuthiwa umculi ubehlala noNondu emzini kaNkabinde oseFourways, eGoli.