ABESIFAZANE abaningi sebevumelene ngokuthi awuvalwe umdlalo osamncintiswano oqhubekayo ezinkundleni zokuxhumana wokudansa benqunu obizwa nge-#Silhoutte Challenge.
Lokhu kulandela ukuthi umlingisi obuye abe ngumkhangisi wengqephu, uBuhle Samuels, elokhu ehambe phambili nge-video yakhe ayinameke enza lo mqhudelwano othathe abesifazane abaningi.
Kule video uBuhle ungena ekamelweni kukhanya bha ugesi efake igown, emuva kwalokho kucishe ugesi bese esala ngesudi yesele kube kukhanya ngelambu elibomvu.
Yilapho aqala khona ukuzibinyabinya anyakazise izinqa zakhe ezinkulu sakuba yinyoka. Kuzwakala nengoma elokhu ishaya ihambisana nomzimba wakhe nokungezinye zezinto ezivele zamenza wehluka kwabanye.
Kule video uBuhle uvunywe iningi labesifazane neselizwakalise ukuthi kungcono uvalwe manje lomdlalo ngoba sekucacile akekho ozofika kuleli zinga.
Kubukeka sengathi le video ivele yawujabhisa lomdlalo kwacaca ukuthi abesifazane sebelahlekelwe umdlandla futhi bayabona ngeke benze okungaphezulu kwakhe.
Selokhu uqalile lo mqhudelwano ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene okubalwa kuzo uFacebook, Twitter, Tik Tok no-Instagram ayikho ivideo esikhulumise abantu abaningi njengale yalo mlingisi. Yize uBuhle efike walinyusa izinga kodwa nawo lawa amanye ama-video abefakwa yizintokazi ezahlukene abehamba phambili ngendlela yawo njengoba nazo bezidle ngokufequza nokuyinto okubukeka izichaza kakhulu izihlwele zabesilisa.