UBHEKENE nengwadla umculi wowokholo uBabo Ngcobo okuthiwa angase adilizelwe isithabathaba somuzi wakhe awakhe eNanda emva kokuvela kwezindaba zokuthi wakhe emhlabeni ongafanele nabanye omakhelwane bakhe.
UBabo ungomunye wezakhamuzi zakule ndawo okuthiwa kunomsindo ngokwakha kwazo kule ndawo, okuvela ukuthi isondele kakhulu edamini iNanda Dam.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto kuthiwa miningi imizi esengcupheni yokudilizwa ngenxa yokusondela kakhulu eduze kwedamu okuyinto engavumelekile.
Kuthiwa kunamamitha abekiwe ukuthi abakhe ngasedamini baqhele ngawo eduze kwalo kodwa bona sebesondele kakhulu.
Ethintwa uBabo ngalolu daba uvele wahleka wathi akanalwazi lokuthi usemhlabeni okungafanele abe kuwona.
“ Akekho umuntu oseke wafika kumina wangitshela ukuthi ngisemhlabeni okungafanele ukuthi ngibe kuwona. Indawo engakhe kuyona ngayikhonzela enkosini, ngabekwa ngokusemthethweni. Njengendawo esemakhaya ngiyazi ukuthi yonke into ihamba ngokomthetho wenkosi, futhi ngabekwa kwacaca. Uma kwenzeka ngiba nenkinga ngiyophumela obala ngisho ,” kusho uBabo.
Indawo okwakhe kuyona abantu okuthiwa bazosuswa ingaphansi kwenkosi Thandisizwe Gwala. Kuthiwa kuthinteka abantu baseMaphephetheni, abaseMkhukhwini nabakwaNgcolosi. Kuvela ukuthi kukhona nabanye abantu abasuswa kudala kulezi zindawo abakhalayo nabafuna ukubuyiselwa kuzona njengoba bebona sekukhona abakha khona.
Ithintwa inkosi uGwala, ithe iyalwazi lolu daba.
“ Kunekomidi elibeka abantu ngokungemthetho endaweni yaseMaphephetheni, kwaNgcolosi naseMkhukhwini. Uma bebabeka babadayisela izindawo ngemali enkulu elinganiselwa ku-R50 000, R30 000 no-R35 000. Uma bebabeka babakhohlisa ngokuthi basebenzisana nami njengenkosi yesizwe okuyinto engelona iqiniso. Nale mali abayithatha kubantu angikaze ngithole ngisho nesenti kuyona ngoba angisebenzisani nabo. Kumanje bonke abantu abakhe endaweni engafanele kuzofika isikhathi lapho bezosuswa khona ngoba ukwakha kwabo kulezi zindawo abakuzona akukho emthethweni. Bakhe endaweni yedamu okuyinto engaphephile nakubona,” kusho inkosi eveze ukuthi naye ithathe isikhundla lento isivele isiyenzeka endaweni okwenza kubenzima nakuyona ukuthi ishaye uthetho uzwakale.
Inkosi uGwala uthe noma engenasiqiniseko ngamamitha okumele baqhele ngawo eduze kwedamu laba abakhe eduze kwalo kodwa unesiqiniseko sokuthi bakhe ngokungemthetho kuzona.
“ Ngaphandle kokubheka amamitha okumele abantu baqhele ngawo eduze kwedamu kodwa kunokhonkolo ababekiwe ukuthi abantu bangasondeli kubona uma sebakha imizi yabo. Inkinga ukuthi bafike babagudluze labo khonkolo bangene endaweni yedamu noma babagqibe phansi bese beyakha. Into evumelekile eduze kwedamu ukubakhona kwamasimu okutshala ukudla kuphela ngoba nohulumeni uyabanxephezela abantu uma kungukuthi idamu ligcwale kwamoshakala ukudla kwabo, kodwa akangeni ekwakhiweni kwemizi. Laba abenza lokhu banenhloso yokungcolisa igama lami njengenkosi,” kuqhuba inkosi uGwala.