UMANGAZE abaningi eveza isoka lakhe kungalindele muntu usaziwayo osekunesikhathi kuqagelwa ukuthi uthandana nobani.
ULaSizwe Dambuza wodumo lwama video kaYoutube natholakala ezinkundleni zokuxhumana impelasonto yonke ulokhu eveza isoka lakhe elisha. ULaSizwe bese kunesikhathi eside abantu belokhu bebuzana ukuthi engabe uthandana nobani.
Phambilini kuke kwasabalala imibiko yokuthi uthandana nelinye ibhungu elikhangisa ngengqephu neliphinde libe ngumligisi kodwa kwangabibikho okuphathekayo.
Ezinsukwini ezimbili ezandulela usuku lwezithandani iValentine's Day uLaSizwe uvele wabavala umlomo abantu enameka izithombe zesoka lakhe maqede wangachaza lutho ngalo. Umbuzo osusele manje ukuthi ngabe lingubani futhi lenza hlobo luni lomsebenzi. Lezi zithandani zibukeka zijabule futhi nosuku lwezithandani ziluchithe ndawonye. .
Udalula isoka lakhe nje nodadewabo uKhanyi Mbau ubesanda kwenza esifanayo. Abantu lezi zelamani bayazibongela ngokuthola abantu abazithandayo. Yize kunjalo bakhona nabaphuma eceleni abagxekayo kodwa konke lokhu kubukeka sengathi uLaSizwe noKhanyi abakuvumeli kubaphazamise njengoba engekho ophawula ngakho.