"ANGAZI bangaki abalingisi okufanele bafe bengenalutho ukuze uhulumeni abone (usizi lwethu)..." La mazwi ashiwo nguzakwabo nomngani wenkakha yomlingisi uMenzi Ngubane, uThato Molamu, enkonzweni yesikhumbuzo ebisesontweni i-Assemblies of God, eSandton izolo.
UMenzi (56) udlule emhlabeni emuva kokushaywa yisifo sohlangothi ngoMgqibelo.
UThato uthe okubuhlungu bahlangane noMenzi endimeni enonya lapho umuntu esebenza khona ngokuzikhandla kodwa engabongwa.
Kuzokhunjulwa ukuthi uMenzi noThato babeyingxenye yabalingisi abangu-16 abakhonjwa indlela ngumdidiyeli omkhulu weGenerations ngo-2014 ngoba belwele amaholo.
Ngaleso sikhathi, uMenzi wayedlala indawo kaSbusiso Dhlomo kanti uThato wayenguNicholus Nomvete.
UThato uthe ekulingiseni uyazikhandla kodwa umndeni wakho ungatholi lutho uma sewufile ekubeni imisebenzi yakho isahlomulisa abathize. Esephetha uThato, uchaze uMenzi njengomuntu obewuhlonipha umsebenzi wakhe futhi esebenza ngokuzimisela.
UPatrick Shai uthe uyafisa ukuba amaciko ahlangane alwele konke obekulwelwa nguMenzi.
Uthe akusizi ukuncoma umuntu ukuthi ubezimisele ekubeni ebegqilazwa.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuPhepha kwezwe, uMnuz Zizi Kodwa, uthe amaciko kuzofanele abambisane alwe nokuxhashazwa ngoba ayikho into angayenzelwa wuhulumeni enhlakanhlaka.
Uthe akasafuni ukuzwa kukhalwa ngezinkinga kule mboni.
Uphrojusa omkhulu weSibaya, uDesiree Markgraaf, uthe uMenzi wasebenza ngisho egula.
Zehle mi kuSonia Mbele izinyembezi ngesikhathi kuqathaka isithombe sikaMenzi ebesichonywe odongweni.
"Izinkomba zokuthi uMenzi ukhona lapha nathi."
Umlingisi nomkhaya kaMenzi, uThapelo Mokoena, uchaze umufi njengomuntu obeyisibonelo esihle entsheni yaseMnambithi lapho bebevela khona. "Siyintsha yaseMnambithi, sibone ngoMenzi ukuthi nathi basedolobheni elincane futhi basemakhaya, singakwazi ukuphumelela empilweni," kusho uThapelo obephethe uhlelo ngokuhlanganyela no-Ayanda Ngubane-Borotho onguPhumelele Ngubane kwiSibaya.
U-Abdul Khoza obeyindodana kaMenzi kwiSibaya, uthe yena wayesephonse ithawula ekulingiseni ngoba esecikwa ukungawutholi imisebenzi kodwa wabuyelwa yithemba ngenxa yokukhuthazwa nguMenzi.
Izithameli ebezihambele le nkonzo beziduduzwa ngomculo nguJudith Sephuma, Given Mabena, Lerato Mvelase (onguMaMkhize Zungu kwiSibaya), Abathandwa nekhwaya.
Abanye ebebehambele isikhumbuzo sikaMenzi ngoLinda Sebezo, Sayitsheni Mdakhi, Linda Mtoba, Zonke Mchunu nabanye.
UMenzi owaqala ukuhlaselwa yisifo sezinso kusukela ngo-2010, ushiye emhlabeni umkakhe, uSikelelwa namadodakazi amabili. Uzofihlwa emathuneni akubo eMnambithi kusasa emini.