USEPHUMELE obala waphefumula ngengcindezi abhekene nayo uDJ wakuleli odume umhlaba wonke nobhekene nezinsolo zokubeka isandla umlingisi obengunkosikazi wakhe. UBlack Coffee obhekene nezinsolo zokushaya u-Enhle Mlotshwa obengunkosikazi wakhe ukhala ngokuthi ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga.
Ephawula ekhasini lakhe likaTwitter uthe akasoze athatha isinqumo sokubeka umuntu wesifazane isandla futhi ukhule ezibona izimo zodlame olubhekiswe kwabesifazane nokuyinto angahambisani nhlobo nayo.
It is truly regrettable that she has chosen to mislead the public using the name of GBV and seeking a protection order against me to sperate me from my children and our home.
— Black Coffee (@RealBlackCoffee) April 13, 2021
Ukhala ngokuthi kule minyaka emithathu ezama ukuhlukanisa no-Enhle akakutholi ukuphumula wehla enyuka kongoti abeluleka ngalesi simo abhekene naso."Egameni lokuhlonipha umndeni wami nezingane zami kade ngilokhu ngithule kodwa sengibona kungifanele ukuphefumula. Udlame olubhekiswe kwabesifazane ngenye yezinkinga ezinkulu lelizwe elibhekene nazo. Zonke izinsuku sifunda ngezindaba ezimbi zobugebengu ezenziwa abesilisa kwabesifazane nezingane. Ngikhule ekhaya ngikubona kwenzeka nasekhaya. Ngazitshela ngimncane ukuthi angisoze ngakuvumela,"kusho uBlack Coffee.
Ukuqinisekisile ukuthi noma ngabe ubhekene nasiphi isimo akasoze wabeka owesifazane isandla. "Angikaze ngimshaye uMbali, umama wezingane zami. Angikakaze ngikwenze phambilini futhi angisoze ngakwenza," kusho uBlack Coffee. U-Enhle ngakolunye uhlangothi ubonge abesifazane abaphume ngobuningi babo bayomeseka enkantolo nokuyilapho uBlack Coffee enikezwe incwadi eyisivimbelo sokuthi angasondeli emzini wabo omdala eSandton. U-Enhle yilapho athi washaywa khona uBlack Coffee ngosuku lakhe lokuzalwa.