UMCULI wakuleli ngonyaka odlule osebenze nomcli waphesheya uBeyonce, uzokhombisa ngempilo yakhe ohlelweni olusha oluthi Her Majesty: Busiswa.
Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa kwiBET Africa (Channel 129), kusukela ngoMashi 20, ngo-7.30 ebusuku.
UBusiswa ekhuluma ngalolu hlelo, uveze ukuthi ubone kungcono ukuthi abakhombise abantu bakuleli impilo yakhe, bangalokhu bezwa ngabantu kodwa baxoxelwe uyena.
“Ngikujabulele ukuhlangana neBET Africa, okuyisiteshi esilokhu siqhubekile nokuthuthukisa amaciko namasiko abantu abamnyama. Sengikubheke ngabomvu ukukhombisa ngeqiniso lempilo yami kubantu bakuleli. Eminyakeni edlule bengingabaza ukuveza iqiniso ngempilo yami,” kusho uBusiswa.
Uthe kuningi akufundile okumenze wavuma ukwenza uhlelo olufana nalolu.
“Abalandeli bami bazokwazi okuningi ngami, okunye ebengikufihlile, nezithinta uhlangothi lwezomoya. Uhlelo lolu oluzokhombisa iziqephu ezingu-13, okuzoqala kuvele ukuthi ngingene kanjani emculweni kuze kube manje njengoba maduzane ngizokhipha i-albhamu yami entsha,” kuchaza yena.
Uphethe ngokuthi okunye azoxoxa ngako ukuthi kube njani ukuhlomula ngezindondo emicimbini ehlukene nokuthi uwathole kanjani amathuba okusebenza nabaculi nezinkampani ezinkulu phesheya kwezilwandle.
UMonde Twala oyiPhini lomphathi kwaViacomCBS Networks Africa nakwaBET, uveze ukuthi kuyabajabulisa nabo ukuphinde bethule uhlelo olufana nalolu olukhuluma ngempumelelo yomuntu wesifazane.
“Izinhlelo okukhona kuzo obelukhuluma ngempilo kaBoity Thulo nekaKhanyi Mbau, zenze kahle kakhulu. Nalolu hlelo luzobonisa abantu impilo kaBusiswa obekungelula ukuthi bayibone ongomunye wabaculi besifazane esibahloniphayo kuleli. NjengeBET Africa siyaziqhenya ngokuqhubeka sibungaza impumelelo yomuntu omnyama futhi sizibophezele ngokuqhubeka sikhiqize izinhlelo ezifana nalezi kubabukeli bethu e-Afrika yonkana,” kusho uMonde.