IFISA sengathi abantu bangayeka ukuyiqhathanisa nabanye abalingisi intokazi edume ngokuba yi ’’slay queen’’ nosekusabalale izindaba zokuthi izothatha indawo yomunye umlingisi kuMuvhango.
UTebogo Thobejane ozodlala indawo kaBelinda kuMuvhango, nongezinye zezintokazi zaseNingizimu Afrika ezidume umhlaba wonke ngokuba yi ’’slay queen’’, uthi ngamanga aluhlaza ukuthi uzovala isikhala sikaBuhle Samuels kulo mdlalo.
USho kanje ngemuva kokuthi amaziko ezindaba ahlukene eqagule ukuthi uzoqala kuMuvhango athathe indawo kaMatshidiso ebilingiswa uBuhle.
Lokhu akwehlanga kahle kuTebogo ngoba wawufundela lo mkhakha futhi ukholelwa ukuthi naye ufanelwe ukunikezwa ithuba aziveze ngaphandle kokuqhathaniswa nalo mlingisi. "Ngiyakuthakasela ukuthola leli thuba kuMuvhango kodwa okukodwa engingakusho ngisebenze kanzima emuva kokuthola iziqu zokulingisa e-AFDA. Ngazithola eminyakeni ewu-11 sengizothola umsebenzi nomsebenzi wami wokuqala omkhulu kwithelevishini sengizoqhathaniswa nomunye umuntu,"kusho uTebogo.
Yize abantu abaningi bebe bona sengathi ubukeka ngendlela ethi ayifane nse noBuhle okubalwa ukuma kahle, ukuba umapakisha, ubuhle nokugqoka kahle kodwa uTebogo akaboni kuyinto engaze yenze abantu baqagule ukuthi uzothatha le ndawo.
"Angingeni esikhundleni sikaBuhle. Nginebanga lami futhi ngiyalijabulela ithuba engilitholayo empilweni njengamanje. Abantu kumele bayeke ukuqhathanisa esikhundleni sokubheka okuhle esiza nakho kule mboni, singabantu abahlukene,"kusho uTebogo.
Ukungena kuMuvhango akuzange kube lula njengoba abantu becabanga ukuthi uthathelwe ukufana noBuhle. UTebogo uthe wenze konke okwenziwa abanye abalingisi, uqale wenza inhlolokhono wahlungwa kwaze kwabe uyathathwa kulo mdlalo.
Echaza ngendawo kaBelinda uthe ukujwayela le ndawo kube lula kakhulu kuyena ngoba eyomuntu ozikhululekele futhi ongazikhathazi ngemibono yabantu uma efeza izifiso zakhe.
"Kungithathe iminyaka ukuthola leli thuba, ngazitshela ukuthi ngizolisebenzisa ngendlela leli thuba. Luyangithobisa kakhulu uthando nokwesekwa engikuthola kubantu. Kusho ukuthi kukhona engikwenza kahle,"kusho uTebogo.
Ephetha uthe uyafisa nabanye babukele kuyena bafunde ukubekezela babangalilahli ithemba balandele amaphupho abo ngoba sizofika nakubo isikhathi esifanele baqashwe.