UPHROJUSA womculo weHouse ongumnikazi wesitebele somculo esiphambili kuleli, i-Afrotainment, uDJ Tira ugcine eqophile nentokazi eyabonakala icula iqoqa amabhodlela.
Le ntokazi ivela kwivideo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana icula kamnandi ngesikhathi umngani wayo eyigquqguzela ukuthi icule khona izobonwa uDJ Tira. Ikhono lale ntokazi lamthathile uDj Tira oyifuna waze wayithola.
"Sengimtholile usisi wamabhodlela , sahlela usuku lokuya estudio ngoLwesibili. Ngicele noMondli Ngcobo ukuthi angilekelele ukuqinisekisa ukuthi kuphuma ulozolo. Sikhulekiseni sisazoqala siyazidinga izindaba ezinhle kulelizwe. Lusiphazamise kakhulu udaba lukaLufuno, asithandaneni, sesekane. Sidinga negama esizometha lona," kusho uDj Tira ngeledlule.
Izolo uTira ufake ivideo yakhe esebenzisana nale ntokazi ngokunjalo noMondli Ngcobo njengoba ayethembisile.