UBAVALE umlomo abantu abamphendule ihlaya ezinkundleni zokuxhumana uRasta wodumo lokudweba osaziwayo etheleka kwaKhethomthandayo, KwaNongoma, ngoLwesine nemidwebo egculise abaningi yeSilo Samabandla.
ULebani “Rasta” Sirenji uqunge isibindi wahambela le ndawo ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo seSilo, wamukelwa kahle amabutho ejabulela imidwebo yakhe, amanye aze acela ukushutha izithombe naye.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokuvela kwezindaba zokukhothama kweSilo uRasta wayexwayisiwe ukuthi angalinge adlalele kwiSilo ngemidwebo yakhe. Kuze kwaqala ukusabalala kwezithombe okungezona ezakhe ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa zidwetshwe nguyena, kodwa ubezimisele ngokuhlonipha Isilo, wacela abantu bamnikeze ithuba lokuqedela imidwebo yakhe yangempela.
Ekhuluma nesinye seziteshi zethelevishini uveze ukuthi bekungelula ukuthatha isinqumo sokuya KwaNongoma. Nemdwebo yakhe ubebambe umoya ngayo kwazise uvamise ukugxekwa. Izolo ekhuluma naleli phephandaba ukuvezile ukuthi abantu bayathanda ukwenza ihaba ngomsebenzi wakhe nokumenza agcine esethola nabagxekayo baze bamsabise. Lokhu uthe akwehli kahle ngoba naye uyazizamela futhi ukwenza ngothando.