ABALANDELI bentokazi eyaduma ngokwethula izinhlelo zethelevishini sebezwakalise okukhulu ukukhathazeka kulandela ukusabalala izithombe zayo ezikhonondisayo. UKuli Roberts selokhu ebhadeka izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana okubalwa nekhasi lika-Instagram egqoke izimpahla zangaphansi ezahlukene. Lezi zimpahla zakhe zinhle ziqedile futhi akuqali ngaye ukuthi kubonakale osaziwayo beshutha bezigqokile, kodwa ukwehla kwesisindo somzimba namathanga abukeka sengathi ubethamele isigcaki kwethuse abaningi.
Abalandeli balo saziwayo balokhu bebabaze njalo ezithombeni ezahlukene babodwa abazwakalisa ukuthi basola ukuthi mhlawumbe lo saziwayo akaphathekile kahle egazini nokungenzeka ukuthi uyagula.
Babodwa abangakhathalele kuthenjwa abamtshela ezikabhoqo ukuthi akahlale ikhefu ngokunameka lezi zithombe ngoba azichazi nakancane. Abanye baze bambize ngogogo bese bebhansela ngamakhanda ahlekayo.
Yize uKuli aduma kakhulu ngokuzikhulumela nokuphoxana eminyakeni edlule kodwa kulokhu ubukeka engazimisele nakancane ukuphawula nokuziphendulela kubantu abakhononda ngezithombe zakhe. Kunalokho uvele aqubise adlulise izinsuku ezimbalwa aphinde ababhansele ngesinye esedle omunye umsiko eshuthe ngesitayela esehlukile.
Okunye okugqamayo kwezinye zezithombe azinameke ku-Instagram phambili ukuthi ukuthathwa kwalezi zithombe kubukeka sengathi kukhona nezimpahla zangaphansi azikhangisayo.