INDLOVUKAZI yomculo wegqom', uBongekile "Babes Wodumo" Simelane, iphumele obala ngokumosha izindodla zemali ngenxa yokuphuza utshwala nabangani bakhe. UBabes ubekhuluma noMacG ohlelweni lwakhe lakuYouTube iPodcast and Chill ngoLwesine.
"Ngiyiphilile impilo . Ngisayiphila namanje. Ngidakwa. Siyadakwa sonke. Bengiphuza kumnandi i-Champagne. Ngiphila impilo engafiswa yingane yaseLamont. UNkulunkulu ungibusisile..." Uthe wayehla enyuka ehlangana nosaziwayo bamazwe ngamazwe, ecula emicimbini eseqophelweni eliphezulu.
Ithe lolo dumo lwadalwa ukushisa izikhotha kwengoma yakhe yokuqala eyayithi Wololo. UBabes (26) uthe maningi amaphutha awenza esafika emculweni eseneminyaka ewu-18 (njengoba eseno26) ngoba udumo lwamfica engakalilungele. "Udumo lwafika kimi ngiseyingane, ngingazi ngokonga imali. Kunezinto engike ngizibuke manje ukuthi ukube udumo lufike manje ngabe ngizenza ngenye indlela."
Uthe wayesaqashwa ngoR150 000 njengoba manje esebhukhwa ngoR60 000. "Ngangicula emicimbini engu-8 ngesonto." Uthe wayeyenza imali ebalelwa kuR1 million ngesonto ngalezo zinsuku. Uthe yena ukhule kanzima kubo ngoba bebephila ngeminikelo yabazalwane eyayibuye ingabi khona.
Uthe kwesinye isikhathi wayengakwazi ukuya esikoleni ngoba imali yayingekho.
"Ngenxa yokuthi ngizalwa wumfundisi kwakumele ngiphile enye impilo. Ngingaphili ethandwa yimi."
Uthe wahlangana noMampintsha esemncane kakhulu njengoba manje beqeda iminyaka elishumi. "Ningangibuzi ukuthi ngangineminyaka emingaki." Uthe abantu bazomangala ohlelweni lwabo kuShowmax maduze nje ngoba usewuhambisile umbondo, walotsholwa futhi sekusele umembeso ngaphambi kokuba bashade. Uthe yize uMampintsha ewenzile amaphutha kodwa unothando olumenza akhohlwe ngamaphutha.
"Abafana abancane bafuna ukukudla bese bekushiya kanjalo. Abanye banezilwane. Ngilunge ngizihlalele nesidudla sami (esho uMampintsha). Uthe akaziboni exolelana noMasechaba Khumalo, osekhulumela uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko ngoba namanje usamdinelwe. Uthe i-albhamu yakhe yakamuva iDandokazi idayise amakhophi angaphezu kuka30 000, okumenze wazuza iPlatinum.
Uthe yiningi imali eyenzile ngohlelo lwabo kuShowmax kangangoba unenqwaba yama-million angakawalandi kwaSamro ngoba akakayidingi. Uthe okumenza ahlale esebenza noMampintsha ukuthi abanye abakaliqondi igqom’, kodwa lithandwa nguMampintsha kuphela. Uphawule okokuqala ngokuncipha kwakhe, uthe akuzona izidakamizwa kodwa i-stress.