OWAQOPHA umlando ngokuba nguDJ wokuqala wesifazane ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM, uHlosiwe Mthalane kodwa odume ngelikaDJ Hlo, uthukuthele uyaveva emuva kokuba umculi kamaskandi emchwense engomeni.
Engomeni ethi Dlamini Ushuni, uZanefa uthe uKhuzani useyi-DJ Hlo Elisha futhi wathi laba baculi abahlukane nokufuna ukuhlukanisa unyaka ngenkani. U-DJ Hlo imcasulile ingoma kaZanefa ngoba uthi abakaze babonana futhi akukho okwake kwabaqhatha.
Ebuzwa ukuthi wenzeni uHlo kuye, uZanefa uthe wacasulwa ukuhlukanisa kwakhe unyaka ngengoma eyayimbi.
"Le ngoma yakhe embi yasihlukumeza kabi ngalowo nyaka. Kufana noKhuzani naye wasihlukumeza ngokuhlukanisa unyaka," kuchaza uZanefa okhiphe i-EP album esihloko sithi Igcokama Elidala.
U-DJ Hlo, osanda kukhipha unqambothi lwengoma ethi Khala Zome, uthe baningi abaculi bakamaskandi abaziyo kodwa ubengazi kunobizwa ngoZanefa.
"Ngubani uZanefa? Ngiyaqala ngqa ukuzwa ngalelo gama. Akasho uma edinga umsebenzi ngimqashe, azoba igidangoma lami ngoba kuyacaca ukuthi umculo uyamehlula, akawazi. Yingakho emandla ekuboneni izingoma ezibandayo, akhohlwe ukuthi izingoma zakhe ezibandayo njengoba zingaziwa, kwayena engaziwa. Ngiyasola ukuthi uzifunela udumo ngami."
U-DJ Hlo uthe Isibani ahlukanisa ngaso unyaka namanje senza kahle kakhulu kuma-digital platform (ezinkundleni ze-internet). "Ngisadla imali yaso njengoba nginomuzi kanokusho ePinetown. Yena-ke unani njengoba ethi unekhono? Kuyacaca ukuthi uziphilela kowakhe umhlaba yedwa, kusafanele eze la kumina ngizomfundisa ukuthi ingoma ishaywa kanjani."
Esephetha uDJ Hlo, uthe le nto uZanefa uyikhulume ngesikhathi esimbi kakhulu njengoba nengoma yakhe ethi Khala Zome ithandwa kakhulu ngamabhinca.
"Indlela eshisa ngayo izikhotha isiqhuma phezulu nakoLimpopo. Kunenye ingoma engizoyikhipha maduze. Ngibonge amabhinca ngale ngoma engihambisana nezinsizwa zaseMzinyathi, iParadise noChris Vezy. Nayo lengoma isiqalile ukwenza kahle kuma-digital platform."
UZanefa uthe akanandaba nokuthi uDJ Hlo uthini kodwa yena akushoyo ukuthi abahlukane nokufuna ukuhlukanisa unyaka ngezingoma ezibandayo ngenkani oKhozini. Kwicwecwe likaZanefa kunezingoma ezithi Imali, Aba-wrong, Hallo (Intombi YomSwati) neDali. Le yinsizwa eyaqala ukuduma eminyakeni eyedlule ngengoma ethi Tripple C, Amagwinya nethi Umona.