ISIKHISHIWE indikimba yengqephu yomcimbi wamahhasi waminyaka yonke, iVodacom Durban July yalo nyaka.
I-Durban July yalo nyaka izoba ngoJulayi 3 eHollywoodbets Greyville Racecourse kanti indikimba emenyezeliwe, ithi Birds of a Feather
UStephen Marshall oyimenenja kwezokukhangisa kwaGold Circle, nobhekele ukuqhakanjiswa kwendikimba, uthe sebekulinde ngabomvu ukubona abasiki bengqephu ukuthi yini abazoyihlanganisa ethinta le ndikimba.
’’Indikimba ejule kakhulu lena uma uyibheka kahle njengoba ihambisana nesimo esinzima esibhekene naso manje emhlabeni, ngakho nabasiki bengqephu bazojula kakhulu uma besika izingubo ezihlukene ezithinta le ndikimba. Lona ngomunye wemicimbi esiziqhenya ngawo kakhulu njengoba uhlanganisa abantu bezinhlanga ezihlukene zakuleli futhi udonsa amehlo abaningi ngisho emhlabeni,“ kuchaza uStephen.
Uthe okunye ngale ndikimba ukuthi isondele kakhulu kulabo abahambela lo mcimbi.
“Izimpaphe zenyoni zisondelene, akulula ukuthi uzifice ziqhelelene, nale ndikimba isho khona okwenzeka kulo mcimbi njengoba uhlanganisa abantu abafike basebenze ngokubambisana ezintweni abasuke bezenza kuwona. Isho ukuthi noma singabhekana nani uma nje sibambisene singanqoba. Sesikubheke ngabomvu ukubamba lo mcimbi ngosuku esesilumemezele,” kuchaza yena.
Ngonyaka odlule lo mcimbi wawubukwa ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yeCovid-19.
Yize sewutholakele umjovo waleli gciwane kodwa abahleli balo mcimbi abakuvezanga ukuthi bazowubamba kanjani lo mcimbi kulo nyaka.