UMLINGISI weMuvhango, uRegina Nesengani, othweswe iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseNingizimu Afrika, uthi ukukwazi ukuhlela isikhathi yikho okumenze wathola lezi ziqu.
UNesengani (65) ulingisa indawo kaVho-Masindi ongunina ka-Azwindini kulo mdlalo owuchungechunge wakwiSABC2 ngo-9 ebusuku phakathi nesonto.
“Ukuhlela isikhathi yikhona okubalulekile. Ngiwumama futhi kumele ngazi ukuthi yini okumele ngiyenze ekhaya. Kumele ngiye emsebenzini ngifunde ngendawo engiyidlalayo futhi ngiyidlalisise. Emsebenzini kumele babone ukuthi angenzi lutho eceleni olungiphazamisayo. Zinike isikhathi sokwenza izinto, yonke into izohamba kahle,” kusho uNesengani kwiMorning Live izolo ekuseni.
Uthe akaze acabange ukuthi ngelinye ilanga uyoba ngudokotela.
“Angizenzelanga kodwa umusa kaNkulunkulu ongiphushile ukuze ngibe lapha,” kusho yena.
Uthe ucwaningo lwakhe olubhalwe ngeTshiVenda, belubheka ukuhlukunyezwa kwabesifazane nendlela embi abavezwa ngayo ezincwadini nangababhali bemidlalo.
Uthe indaba yokuhlukunyezwa kwabesifazane ithinte inhliziyo yakhe kusuka ngeminyaka yabo-70 lapho ayelokhu efuna ukubhala incwadi wagcina ethathe isinqumo sokuthi ayibhale.
Uqhube wathi wagqugquzelwa kwakhulu ngowesifazane amuzwa ekhuluma emsakazweni owayethi uyafunda yize eneminyaka engaphezu kuka-70, wathi naye ufuna ukuzama.
“Ezincwadini abantu besilisa baveza abesifazane njengabantu abayizilima, abangacabangi. Uma bebhala izincwadi baveza abesifazane njengezinto zokusetshenziswa. Kungiphushile ukuthi ngikhulume ngoba sikhathele. Kungani bengasebenzisi abalingiswa besilisa? Yini engekho yinhle ngomuntu wesifazane? Bangaba yizinto eziningi, bangaba abaholi. Ababhali basebenzisa abesifazane ukuze izincwadi zabo zifundwe.”
Uthe kuyamhlukumeza ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane futhi yinto okumele kuliwe nayo hhayi unyaka wonke, hhayi futhi kuphela ngezinsuku ezingu-16 zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.