ISILOMO somethuli wezinhlelo zethelevishini sizosebenzisana nezokuvakasha esifundazweni KwaZulu-Natal. USiv Ngesi ungomunye wosaziwayo abazosebenza ngokubambisana nabezokuvakasha iTourism KwaZulu-Natal (TKZN) kulesi sifundazwe ukuqinisekisa ukuthi abantu bayazi ngezindawo zokungcebeleka ezitholakala KwaZulu-Natal.
USiv uzobe ebambisene nesinye isilomo sezinhlelo zethelevishini uJonathan Boynton-Lee kule ndima. Lezi zilomo seziqalile ukusabalalisa izithombe zezinye zezindawo ezinhle nezithathe abaningi okubalwa kuzo nezakhele iLembe.
Akuqali ukuthi abeTourism KwaZulu-Natal basebenzisane nabantu abaziwayo njengoba phambulini beke babonakala besebenzisana noSphectacula noDj Naves. Lo mkhankaso sewuqalile ukuthela izithelo ezinhle njengoba uSiv enameke izithombe ekhasini lakhe lika-Instagram kwathatheka abaningi. Ezinye zezindawo ebebehambele kuzo neTKZN kubalwa nezigudle ulwandle okuyizona zindawo abantu abazidinga kakhulu ngalesi sikhathi ukupholisa umqondo.
Ukuhlasela kobhubhane lweCovid 19 kushaye kwezwela kulo mkhakha wezokuvakasha nokungcebeleka kodwa iTKZN iveze ukuthi inezinhlelo eziningi ezahlukene zokuphakamisa izindawo zokuvakasha.
Okwenza isifundazwe saKwaZulu-Natal sehluke kwezinye ukuthi inanezindawo eziqukethe nomlando namasiko ahlukene nokwenza ukuthi wonke umuntu akuthole okuzomjabulisa okubalwa nabenza ucwaningo.
Ukwenza inyanga yothando nabantu bayithakasele iTKZN neGagasi FM baphinde bagixabeza abalaleli ngeholidi lomhlaba bavakashela izindawo ezahlukene mahhala. UBongiwe noSipho Ntshangase bathole ithuba lokuthakasela inyanga yothando ngendlela ehlukile kulo nyaka kulandela ukuhlabana ngaleli holidi.