UMSAKAZI weKaya FM uSizwe Dhlomo uthi ngeke ayingene eyokushiya oyobe eyinkosikazi yakhe uma kwenzeka ethola ukuthi uphingile.
Umfo kaDhlomo ushiye abaningi bekhexile enkundleni yokuxhumana uTwitter ephawula kwisihloko sokuhlukana kosaziwayo uma kukhona ongaziphethe kahle emshadweni, ethi yena akasoze ahlukana nenkosikazi yakhe ngoba nakhu elale nomunye umuntu wesilisa.
“Ngeke ngihlukane naye (unkosikazi) okwangempela. Sekuyoba kuye ke ukuthi usafuna yini siqhubeke sithandane kodwa mina nginesiqiniseko sokuthi angisoze ngahlukana nomkami ngoba nakhu elale nenye indoda uma ezisola ngakho. Ngeke!”
Abasebenzisa uTwtter abebelandela le ngxoxo abayikholwanga inkulumo kaSizwe abaningi bethi usho njalo ngoba nakhu engashadelwe. Lo msakazi nokho ushaye phansi ngonyawo wakugcizelela ukuthi ucansi ngeke lumhlukanise noyobe ewumkakhe.
“Kuningi engithemba ukuthi ngizokwenza nomkami...ngeke ngishiye phansi yonke into ngenxa yocansi. Mina nje ngeke,” usho kanje.
UDhlomo uphawula kanjena nje siphezulu isibalo sabantu abadivosayo eNingizimu Afrika. Ngo-2019 abalelwa ku-23 710 amafomu agcwalisiwe okuhlukanisa ezinkantolo zakuleli, okuyisibalo esehle ngo-6.2% uma siqhathaniswa nesango-2018.