USOLA umyeni wakhe azama ukumdivosa ngokusabalalisa imibiko engamampunge ngaye umlingisi weSibaya uZinhle Mabena oboshiwe izolo ngezinsolo zokuzama ukubulala.
Lo mlingisi odlala indawo kaSihle kulo mdlalo, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela izolo wavalelwa esiteshini samaphoyisa e-Olievenhoutbosch, ePitoli, esolwa ngokuba wungqondongqondo wetulo lokubulawa komyeni wakhe owacishe wafa edutshulwa ngoJanuwari nonyaka esigamekweni okwafa kuso unogada wakhe. Uvulelwe icala lokubulala (unogada) nelokuzama ukubulala umyeni wakhe uRobert Ngwenya.
UZinhle uvele enkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesithathu ekuseni, lapho imantshi inqume khona ukulichitha icala yaphinde yanquma ukuthi bekungekho emthethweni ukuboshwa kwakhe.
Esitatimendeni esikhishwe abameli bakhe ngemuva kokudedelwa enkantolo bathe: “UZinhle sekukaningi esatshiswa futhi egxekwa emphakathini ngumuntu osondelene naye ozama ukudicielela isithunzi sakhe. Singakuqinisekisa ukuthi izolo uboshwe ngokungemthetho kodwa manje usekhululekile kulandela isinqumo sabashushisi sokungaqhubeki naleli cala ngenxa yezinsolo ezingakholakali ezibekiwe. Singakuqinisekisa nokuthi ayikho into ebambekayo ematanisa uZinhle nezinsolo zokubulala noma zetulo lokubulala. Zonke lezi zinsolo zivela kumyeni wakhe asanda kufaka isicelo sokumdivosa enkantolo futhi anencwadi emvikelayo kuye.”
UPDATE: Zinhle Mabena released from jail
According to a statement provided by Ms Mabena’s team, the case against the Isibaya actress (Sihle) has been thrown out for lack of evidence to prosecute.
Read full statement below #KgopoloReports https://t.co/URGfMm26Rq pic.twitter.com/OsYRcEypEL