INKAKHA yomculi kamaskandi, Ihhashelimhlophe, ithi iswele amaphiko okundiza yinjabulo emva kokuba ngomunye wamaciko asemnkantshubomvu azohlonishwa ngeLifetime Achievement, emiklomelweni yezindondo amaSouth African Popular Music Awards (Sapma).
Ihhashelimhlophe lithe yinto ebelingayilindele ukuthi lizonikwa indondo ekhethekile kumaSapma azoba seSun Arena, ePitoli ngoJulayi 31 nonyaka.
Lithe belingalindele lutho njengoba iningi labaculi livalelwe yiCovid-19 ukuqhubeka kahle nomsebenzi walo njengoba izinto eziningi zisamisiwe.
“Kuyajabulisa ukuthi kube nabantu ababonayo ukuthi kuneqhaza elikhulu engibe nalo emculweni.
Sengisebenze kakhulu kule ndima. Kuyathokozisa ukuthi kukhona abantu abakubonayo lokho. Angigcini ngokuba kumaskandi kodwa kukhona neminye iminxa yomculo engisebenze kuyona, okwenza umsebenzi wami ugqame.
Baningi nabaculi esengisenze nabo. Ukukha phezulu nje, singabala uJabu Khanyile, Black Motion, Boom Shaka, Sxaxa Mbiji, Yvonne Chaka Chaka nabanye abaningi,” kusho Ihhashelimhlophe.
Kule miklomelo emenyezelwe ngokusemthethweni kuleli sonto kuzohlonishwa nezinye izinkakha zamaciko. Phakathi kwawo kukhona uJabu Khanyile, Lebo Mathosa, Mahotela Queens, Yvonne Chaka Chaka, Nana Coyote Motijoane, Stompie Mavie, Morris Sipho Roda noVusi Leeuw.
Ngesikhathi kumenyezelwa le miklomelo neminxa ezongenelwa kuyona, abahleli bayo bathe abantu sebengaqala ukuqoka abaculi ababathandayo ukuthi bahlomule emiklomelweni.
Baqokwa ngokugcwalisa ifomu elitholakala kwi-website yamaSapma. Kuvumeleke ukuthi kuqokwe abaculi abese benomculo oqoshiwe phakathi kuka-2010 no-2020.
Phakathi kweminxa okuzoqokwa ngaphansi kwayo no-wehip hop, Afro, mbhaqanga /maskandi, gospel, amapiano /gqom/kwaito. Eminye iminxa izovotelwa. Kweminye abaculi bazoqokwa ngabahleli bale miklomelo. Ngaphambi komcimbi omkhulu kuzoqala iGala Dinner ezoba ngoJulayi 24 ePitoli.