SEKUKHONA ukushaya amakhala kubalandeli besola ukuthi kungenzeka ukuthi sebeyathandana abaculi ababili abazifelayo ngabo.
Lokhu kulandela ukuthi uCici noDonald belokhu benameka izithombe zabo ezahlukene bebukeka besondelene futhi bejabule kakhulu. UCici ufake isithombe anoDonald kusona ezinsukwini ezedlule, kwachwaza abantu beqagula ukuthi laba bobabili kuyacaca ukuthi sebeyathandana.
Akekho phakathi kwabo oke wazixaka ngokuphendula acacise ukuthi kwenzekani ngalezi zithombe ezifakwe emakhasini abo bobabili.
Izolo lithe lishona baphinde banameka esinye isithombe bebonakala besemotweni kaDonald nokuthathe ngisho abanye bosaziwayo bahluleka ukuzibamba baphawula ngalesi sithombe.
UDonald unameke lesi sithombe maqede wanganda ngamazwi wabhala ukuthi “love back” wagcina lapho. UCici ubesephendula kusona wafaka ibhanoyi elindizayo okusho ukuthi nanoma yini lena ebiyenzeka kulesi sithombe isezingeni eliphezulu.
Babodwa abathi laba baculi noma ngabe yini lena abazama ukuyenza ingabafanela ngakho kungcono bavele bathandane. Kuzona zonke lezi zincomo abalingeki nakancane baphawule.
Lezi zithombe kubukeka zisazoqhubeka njengoba laba bobabili bebukeka bekujabulela ukuba ndawonye nokuthwebula izithombe ndawonye.