UTHATHWE isifo sohlangothi umculi kamaskandi uGawulezakhe Mbili, obedume ngelikaSphuzo Sabantwana, odabuka KwaDweshula, ePort Shepstone.
Umthombo weSolezwe ocele ukungavezwa, uthe uSphuzo ushaywe isifo sohlangothi izolo ekuseni, wadlula emhlabeni khona izolo ntambama.
“Ngithole izindaba namhlanje (izolo) ekuseni ukuthi lo mculi uyagula emuva kokushaywa wuhlangothi, ntambama ngathola ezokuthi usedlulile emhlabeni.”
USphuzo uzakhele igama ezinkundleni zokuxhumana la bebemqopha khona ama-video ecula, okwaze kwanxusa uBlack Coffee ukuthi alisukunyelwe ithalente lakhe.
Wanxusa abaculi okukhona kubo uSjava ukuthi abavakashele lo mculi bamsize aqophe.
Imenenja kaSphuzo, uSakhile Cele, iziqinisekisile izindaba zokudlula emhlabeni kwalo mculi kwiFacebook.
Isolezwe lizamile ukuxhumana naye kodwa inombolo yakhe yocingo ibivaliwe, ingemukeli nemiyalezo.
Nomyalezo athunyelelwe wona kwiFacebook, ugcine engawuphendulanga.
Kodwa khona kwiFacebook ubhale ukuthi umngani wakhe useshonile.
“Lala kahle uphumule mfowethu,“ kubhala uSakhile ngamafuphi.
Nomfundi wezemidlalo emsakazweni uKhozi FM, uNolwazi Machi, ushaye ngamafuphi wathi “Yah Neh.”
Abantu bezwakalise ubuhlungu babo ngokudlula emhlabeni kukaSphuzo ngokuzuma.
UNtokoh Lumkah Mvelase uthe: “Kodwa mkhaya hawu madoda. Lapho sisaziqhenya nathi ngawe sewuyasishiya futhi, hhayi isitsha esihle asidleli ngempela, ngaze ngaphoxeka.”
UHamilton Blessing Nzima uthe: “Kodwa Nkosi yami ngingakahlangani naye! Ngendlela engimkhonze ngayo.”
USimphiwe Mhlongo uthe: “Awuh, Ngaze ngadumala, lala uphumule Mkhulu.”
Ngonyaka odlule, lo mculi wanxusa ukuthi akhelwe umuzi njengoba ehlala emjondolo, okula uSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce namanye amalungu, basukumele phezulu bahlangana nosomabhizinisi, wakhelwa umuzi.
Isolezwe lahlangana nalo mculi ngoDisemba kwenye yezindawo zobumnandi iMaqaqa Lifestyle e-Adams, nala aveza khona ukuthi ujabule njengoba umuzi wakhe usuzovulwa angene kuwona.
Uke wakhipha ingoma ngawo unyaka odlule ethi Guava Juice obekulindeleke ukuthi adedele i-albhamu kulo nyaka.