UVEZA ukuthi bekusenzima ukukhuluma ngokushona kukazwakwabo umlingisi owayedlala indawo ephambili kumdlalo wansuku zonke phakathi nesonto kuSABC 1, iGenerations, uSonia Mbele.
Lo mlingisi owayedlala indawo kaNtombi kwiGenerations nokuyindawo eyayimsondeza kuMenzi Ngubane, owayelingisa ekaSbusiso “Ngamla" Dhlomo, uveza ukuthi ubengathule nje ngoba engezwanga ngezindaba ezibuhlungu zokudlula kukaMenzi kodwa bekusenzima ukuthi aphawule ngakho.
"Bengithule ngisetshisa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni. Okwethu bekuwuthando olwaluhlanganiswe umdlalo wethelevishini, uyohlala uwubambo lukaNtombi," kusho uSonia. Abantu abaningi bakhumbule izikhathi ezazimnandi nemdima eyadlalwa yilaba bobabili kwiGenerations eminyakeni edlule.
Le ndawo njengoba esho USonia yabenza basondelana kakhulu nokwenza kwabanzima ukwamukela kubabukeli uma bexoshwa laba balingisi kwiGenerations. UMenzi uqhubeke nokulingisa kweminye imidlalo emikhulu okubalwa kuyo neSibaya kanjalo namafilimu. Kuyona yonke imidlalo ebelingisa kuyo ubevelela ngekhono lakhe nobekumenza abenogazi kubabukeli. Yize ebesewumlingisi onamava kodwa ubengababukeli phansi ozakwabo abasebasha kwezokulingisa ngokushona kwabanye babo okubalwa nomlingisi weHostella uThobani Nzuza. Ezindaweni zokungcebeleka nasezitolo uMenzi ubevamisile ukubonakala exoxa nabantu ethatha nezithombe ngaphandle kokukhononda.