KUBHUNTSHE umshado kuhlukana umsakazi woKhozi FM nesithandwa sakhe esingusomobhizinisi, emva kokungagculiseki ngezinto ezithile ebeziphazamisa uthando lwabo.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo othembekile ukuthi kuphelile phakathi kukaZimdollar nosomabhizinisi, uMnuz Sbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini weDlems Lifestyle, abake baba sematheni ngesikhathi beqala ukuthandana.
Umthombo uveze ukuthi ngisho nabafowabo bakaDlamini yinto asebeyikhuluma noma benabangani babo ukuthi kuphelile phakathi kwalezi zithandani.
“Omunye wabafowabo uke waxoxa sizihlalele nje ukuthi akusekho okuzokwenzeka phakathi kwabo njengoba sebehlukene. Ngendlela abesho ngayo yinto abangasenandaba nayo, njengoba kuyinto exoxwayo ukuthi akusekho okuyophinde kwenzeke phakathi, kwabo” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi ziningi izinkinga ebeziphakathi kwalezi zithandani.
“ UDlamini ubesemadolonzima ukuqhubeka nokushada noZimdollar emva kokuthi bekunezinto eziningi abengasaziqondi ngalo msakazi futhi engagculisekile ngazo.
Bese kuhlelwe yonke into ngomshado wabo, obuzoba seMtavuna River Lodge ngonyaka odlule. Bese zikhokheliwe nezinye izinto ezizodingeka ngelanga lomshado.
Okuqaphelekile wukuthi uDlamini ubesehudula izinyawo, kubonakala ukuthi akasazimisele kodwa engafuni ukuphumela obala. Bekuhlula ngisho ebuzwa wuZimdollar ukuthi kwenzekani kodwa uDlamini ebukeka ewumuntu ongasayingeni, kungekho akushoyo ukuthi inkinga ikuphi ngoba nemali unayo,“ kusho umthombo.
Uqhube wathi: “UDlamini ugcine esebuyelana nonina wengane yakhe waseGoli, waze wamkhulelisa nengane yesibili. Unina wengane obenolwazi lokuthi uhlela ukushada noZimdollar. Uthumele lo msakazi umyalezo, embuza ukuthi uyazi yini ukuthi njengoba ezoshada noDlamini kumanje sebeyalamanisa naye.
Lokho kuvele kwenza isimo saba muncu njengoba uZimdollar ebuze uDlamini ukuthi angayenza kanjani into enjalo.
Naye uDlamini akaphikanga kuZimdollar ukuthi usekhulelise unina wengane yakhe, obekubukeka sekungenye indlela yokubalekela uZimdollar ngoba ubengafuni ukuphumela obala ukuthi inkinga ikuphi," kusho umthombo.
Kuthintwa uDlamini uvumile ukuthi izinto kazisahambi kahle phakathi kwakhe nomsakazi kodwa akukho okuningi azimisele ukukusho.
“Ngicela ubuze kuyena uMaBiyela. Ngicabanga ukuthi angakucacisela kahle. Mina akukho engizokuphawula,” kusho uDlamini.
Ebuzwa ngokukhulelisa unina wengane yakhe waseGoli, uvumile ukuthi impela umkhulelise ingane yesibili esezinhlelweni zokushada noZimdollar. Uthe lokho yinto engafihliwe futhi wakuxoxa naye uZimdollar.
Kuthintwa uZimdollar, izingcingo zakhe bezingangeni. Nemiyalezo athunyelwe yona akayiphendulanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ukuthandana kukaZimdollar noDlamini kube wundabamlonyeni ngo-2018 njengoba kwaba nezinsolo zokuthi wamqoma engakahlukani nomunye usomabhizinisi, uMzwandile “MG” Zondi ongumphathi wesikole sokuqeqeshela ukushayela, iSiyajabula Driver Training.
Ukujikijelana ngamagama phakathi kwalabo somabhizinisi (uZondi noDlamini) kubangwa uZimdollar kwenza waphoqeleka ukuthi lo msakazi aphumele obala ngalolu daba. Wavuma ukuthi ubethandana noZondi kodwa bahlukana ngesikhathi esethandana noDlamini. Wathi uZondi usaphethwe wubuhlungu bokwaliwa, okuyinto athi bayixoxa bavumelana ukuthi bahlukane.