SELUPHENDUKE ukhondolo lokushona kwezinkakha zomculo we-jazz usuku okushone ngalo ingwazi yalo mculo nobese kuphele isikhathi ingaphilile.
UJonas Gwangwa (83) oshone ngoMgqibelo ekuseni, uhambe emhlabeni ngosuku olufanayo nokwashona ngalo umculi obemenywa kakhulu emicimbini ye-jazz waseZimbabwe nobengaconsi phansi kubalandeli bakhe, u-Oliver Mtukudzi. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2018 ngalo lolu suku, kwashona enye inkakha yomculo we-jazz kuleli, uHugh Masekela.
Izindaba zokushona kwale nkakha ebimnkantshubomvu emkhakheni womculo we-jazz, zimenyezelwe nguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa ekhasini lakhe kwiTwitter. Lezi zindaba ziphinde zasabalala ezinkundleni zabalandeli bayo nezosaziwayo abebedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe. Imiyalezo ibizwakalisa isililo ngokuwa kwemithi emikhulu emculweni we-jazz ngosuku olulodwa iminyaka emithathu ilandelana.
UMnuz Ramaphosa, uthe kuwe ingwazi ebambe iqhaza elikhulu emzabalazweni wenkululeko isebenzisa ezobuciko namasiko. Uthe icilongo bekuthi uma likhala kuzwakale isibindi sobeyilifutha nebiphinde ishiye izinhliziyo zabantu zifudumele.
“UJonas Gwangwa ukhuphukela emhlambini wamaciko angasekho nabambe iqhaza elikhulu ekulweni ngezikhathi zomzabalazo kuleli naphinde athinta izinhliziyo zabaningi eNingizimu Afrika. Njengoba sizilele ukulahleka kwemiphefumulo yabo bonke abasishiyile, sikhulekela ukuthi umphefumulo kaJonas uphumule ngokuthula,” kusho umengameli esitatimendeni.
UDJ weMetro FM, u-Oskido obhale ekhasini lakhe ngokushona kwale ngwazi, uthe: “Umhla ka-23 Januwari sekuzoba wusuku olungeluhle nesilikhumbula ngezehlakalalo ezimbi emkhakheni womculo. Awududuzeke umndeni wakaGwangwa.”
USizwe ongumlandeli kaJonas uthe kwiTwitter: “Umhla ka-23 Januwari uyohlezi uwukusuku olunesinyama emkhakheni womculo. Sekuphinde kwahamba enye inkakha njengoba kwahamba u-Oliver Mtukudzi noHugh Masikela ngalo lolu suku.”
UHotstix Mabuse onameke izithombe ashuthe kuzo noJonas, Hugh Masekela benandisa esiteji kweminye yemicimbi ake anandisa kuyo nalezi zinkakha, uthe kwiTiwtter: “Lala ngokuthula mngani wami. Ngiphukile emoyeni. Ngiyabonga Billy Monama ngalezi zithombe.”
Esitatimendini esithunyelwe wumndeni kaGwangwa, uthe kwenzeka lo mshophi nje ubusanda kufihla inkosikazi yalesi sihlabani ezinsukwini ezingu-19 ezedlule.
“Ubaba ushiye lo mhlaba ngoba ehlose ukuyoqhubeka abe eduze kwesithandwa sakhe. Sizizwa sibusiseke kakhulu ngokuthi sibe yingxenye yempilo yakhe. Sibonga uthando nemiyalezo yenduduzo kubo bonke abantu njengoba sizilele abazali bathu,” kusho umndeni wakaGwangwa esitatimendeni.