UMDWEBI wodumo uLebani Rasta Sirenje usephinde washaya adume ngazo edweba isithombe setiye laseNkandla. URasta lomdwebo wakhe uyiziqephu ezahlukene lapho eveza khona umholi weqembu le-EFF uMnuz Julius Malema ephole nowayengumengameli waseNingizimu Afrika uMnuz Jacob Zuma.
Njengokujwayelekile uRasta ubesenameka isigaba sokuqala salo mdwebo esiveza labosopolitiki benganawo amakhanda. UMalema uhluleke ngisho ukuzibamba waphawula kutwitter ngalo mdwebo kaRasta obudida abaningi. Yilapho abantu beqale khona ukukhuluma, yavuka indaba yetiye laseNkandla kwangathi yintsha.
URasta akavamisile ukukhuluma kakhulu nokuphawula uma abantu begxeka noma bebuzana ngemdwebo yakhe. Kwenzeka lokhu nje nesithombe somculi weJazz osanda kushona uSbongile Khumalo esidwetshwe uRasta besingakapheli ematheni.
URasta emuva kokusabalalisa kwalo mdwebo kube sekuphinda kusabalala owesibili sewuqedeliwe uveza nobuso bukaZuma noMalema. Lo mdwebo uphinde nawo wasusa umsindo njengoba izinga laso beliphezulu befana nse nesithombe ebesithwetshulwe eNkandla. Kube nokudideka abantu abaningi bephikisana ukuthi lomdwebo uqedelwe uRasta. Nakhona lapho akazange azikhathaze nakancane nokuphawula ngakho kunalokho wathula sengathi akaboni.