UMLINGISI woZalo uDuduzile "Babekazi" Ngcobo uthi wangena engaqondile ekulingiseni njengoba akhula efuna ukuba umhlengikazi noma udokotela.
UDuduzile (53) uthe unina ebengumhlengikazi ngakho ubefuna ukufana naye ekhula.
"Ngikhulele eLamont sathuthela eMlaza kwa-AA. Umama wayengowaseGoli ngifunda ezikoleni ngihlala ngaphakathi eMzinto nase-Oakford, eVerulam. Ngiyabathanda abantu, ukulingisa akukaze kodwa kube yinto engangifuna ukuyenza. Ngangifuna ukufana nomama kodwa akwenzekanga," kusho uDuduzile.
Uthe emuva kokuqeda isikole uthuthele eGoli wasebenzela inyunyana yokusansimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa iminyaka engu-13.
Lo mlingisi onezingane ezintathu nabazukulu abayisithupha uthe washiya ngenxa yokuthi wayesekhathele.
"Enye ingane eyayingumakhelwane eSpruitview ifunda eSchool of the Arts e-Afda yayilokhu ingijwayela ngoba ngithanda ukuxoxa nabantu. Yathi esikoleni kumele benze itelenovela yathi icela ukuthi ngibe khona. Ngangiqala ngisho ukulingisa ngoba esikoleni ngangingadlali ngisho imidlalo emifishane ngangithanda ukudlala nabafana ibhola nezimabuli ngingazenzi ezamantombazane."
Uthe emuva kokwethulwa komdlalo wezitshudeni wathola izingcingo kubadidiyeli bemidlalo befuna ukusebenza naye waqala wenza ifilimu iQuantum of Terror, kuMzansi Magic.
Udlale nakwamanye amafilimu nemidlalo okubalwa kuyo iGreed and Desire, Isithembiso, Ikhaya, Ehostela neminye njengoba esedlala kuZalo nakwiDurban Gen lapho enguDkt Nomalanga Qwabe khona.
"Impilo ingiphethe kahle kabi ngoba yisikhathi esinzima lesi kuwo wonke umuntu ongumsebenzi kodwa kimi uJehova usasiphile umsebenzi, ngiyajabula. Amasenti ayangena ngiyakwazi ukugqiba lapho okumele ngilungise khona."
Uthe uyazithanda kakhulu izindawo azilingisayo ngoba zihlukile kodwa ucishe afane nomlingiswa amdlala kuZalo ngoba naye uyathanda ukukhuluma izinto.
"Ngizonikeza abantu okungaphezu kwalokho abakubonayo. Ngisazimisele ngokuba nezindawo eziningi engilingisa kuzo kungapheli kwiDurban Gen nakuZalo."