ZIJABULISE abazali bazo izingane zosaziwayo bakuleli ebezifunda u-matric, ezibe kweziphumelele onyakeni obungemuhle ngenxa yegciwane iCovid-19.
Osaziwayo bakuleli okubalwa kubo uConnie noShona Ferguson, Carol Tshabalala, TK Nciza bakubazali abebejabulela ukuphumelela kwezingane zabo kwa-matric, njengoba bekuphuma imiphumela.
Indodakazi kaConnie noShona engumagcino u-Ali Ferguson, ibe kubafundi abaqale ukuthola imiphumela yabo.
Laba abaganene bamemezele emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi indodakazi yabo iphumelele ngamalengiso.
UConnie uveze ukuthi yize u-2020 ubunzima kodwa kumjabulisile ukuphumelela kwendodakazi yakhe.
“Zonke izingqinamba abebebhekene nazo balwe nazo baphumelela. Ukubuka indodakazi yami iya esikoleni iyobhala izivivinyo ngesikhathi iCovid-19 ithe chithi saka, ibuye ingitshele ukuthi inethemba njengoba ibhale kahle futhi iyazethemba kungenze ngabona ukuthi sikhulisa intsha engamaqhawe nengabaholi. Izinga lokuphasa kulo nyaka kumele singalilibali kalula,” kusho uConnie.
UCarol uveze ukuthi naye uyaziqhenya ngendodana yakhe uJoel, eyenze kahle ku-matric wayo.
“Ngiyakubongela ndodana yami ngokuphumelela ngamalengiso. Ngiyaziqhenya kakhulu ngawe. Ukusebenza kwakho kanzima, ukuzinikela nokuhlonipha umsebenzi wesikole kuthele izithelo. Manje thatha elinye igxathu lempilo ngizohlala ngikhona ngikubonisa indlela, ngikunika nothando,” kuchaza uCarol.
Intokazi eyabonakala ohlelweni ama-Idols uNosipho Silinda waseMnabhithi, naye Isolezwe lithole ukuthi uphumelele njengoba ebefunda u-matric kulo nyaka futhi uzimisele ngokuqhubeka nemfundo.