INGENE ehlazweni inkakha yombhali wemidlalo yeshashalazi, u-Edmund Mhlongo okuthiwa ukhulelise uZawadi Yamungu ongomunye wamaciko abewaqeqesha ngaphansi kwesitebela sakhe iK-Cap, esiKwaMashu.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo ongashayi eceleni, kusolwa isenzo sale nkakha ngokuhambi kahle kwezinto emshadweni wayo noBrenda Mhlongo ongumlingisi.
Umthombo uveze ukuthi lesi senzo sakhe siphinde samqhatha noMbuso Khoza abebengamathe nolimu naye ngenxa yokuthi uZawadi Yamungu ubesayine ngaphansi kwenkampani kaMbuso.
Kumanje kuthiwa uMhlongo umatasa wakhela uZawadi Yamungu umuzi njengoba esemkhulelisile.
UMbuso kuthiwa uyena owavundulula ikhono lokucula lale ntokazi, wase ecela umngani wakhe uMhlongo ukuthi amlekelele bayicije kanti uzomane ayikhulelise okuyinto eqede ubungani phakathi kwabo.
“ Izindaba zokuthi uMhlongo uselala noZawadi Yamungu, bezilokhu zifika ezindlebeni zikaMbuso. Inkinga uMhlongo ubeze ahlebe uMbuso kule ntokazi ethi ayikho into ezoyilungela uma ilibele ukuthi iyiciko lakhe, yena uzoyenza iphumelele. Kuze kwaba nesikhathi lapho uMbuso ehlaselwa wukhwantalala, uMhlongo wathola ithuba lokumhleba kakhulu ethi usephanjanelwa yikhanda. Ubeze atshele uZawadi Yamungu ukuthi yini ezolunga ephethwe wuhlanya. Konke lokho uMbuso ubezama ukugcindezela wagcina ebonile ukuthi ayikho lento wamkhulula uZawadi Yamungu,” kusho umthombo.
Ethintwa uMhlongo uthe ucela kugxilwe emisebenzini yakhe yezobuciko kuyekwe izindaba zangasese.
“ Kuningi ongangibuza ngakho njengokuthi zihamba kanjani izinto eK-Cap, njengoba sishawa yiCovid-19. izindaba zangasese ngeke ngizikhulume ngoba amawongowongo lawa ongibuza ngawo. Okwamanje ngimatasa ngisemhlanganweni,’’ kusho uMhlongo. Uthe kade enomcimbi wombukiso wezamafilimu alindele ukubuzwa ngawo hhayi izindaba zangasese.
Kuthintwa uMbuso Khoza ngeciko lakhe, uthe uyalazi kodwa akathandi ukuphawula ngodaba lothando lwalo wathi useqhelelene naleli ciko manje umatasa nemisebenzi yakhe.
UZawadi Yamungu okuthiwa ukhulelwe ingane kaEdmund ubengalubambi ucingo, wabhalelwa imiyalezo nayo wangayiphendula kodwa kuvela ukuthi ivuliwe.
Kushayelwa uBrenda Mhlongo ongunkosikazi kaMhlongo uthe usendaweni yokucwala izinwele ngeke akwazi ukukhuluma ucela ukuthunyelelwa umyalezo.
Esephendula uthumele umyalezo ebabaza kodwa wanganda ngamaningi. Uthe: “ Molo bhuti, angilwazi ke lolu daba ngiluqala ngawe ngimangele,’’ kusho yena.
Ukungahambi kahle kwezinto emshadweni kaMhlongo noBrenda kuke kwabikwa ngakho kwavela nokuthi sebehlala ngokuhlukana, kodwa bakuchitha lokho.
UMhlongo uyinkakha yombhali wemidlalo yeshashalazi ehlonishwayo. Useke wabhala umdlalo weshashalazi owaduma umhlaba wonke iMadam President, Johnny Makhathini The Musical, Mambazo The Musical neminye. Unenqwaba yabalingisi asebaqeqeshile abanye asebelingisa kuZalo, Isibaya, Imbewu: The Seed, The Lion King neminye.
UBrenda naye ungumlingisi osezakhele igama njengoba eseke walingisa indawo kaMaButhelezi kwiGenerations: The Legacy, wadlala ekaNtombizodwa kwiThe Queen kanti kumanje udlala indawo kaKaMadonsela kwiMbewu: The Seed.