AMACIKO akhwele adilika kuhulumeni ekhala ngokuthi awanakekelwe ngesikhathi kunenkonzo yomngcwabo womlingisi, uMenzi Ngubane, noyise, uMnuz Ndodeni Esrom Ngubane, e-Indoor Sports Centre, eMnambithi, ngoMgqibelo.
Abalingisi beSibaya, uNhlanhla Mdlalose, odlala indawo kaBongani, no-Ayanda Borotho, odlala ekaPhumelele Zungu, bathe inzima impilo kubalingisi. Ngesikhathi bekhuluma enkonzweni yomngcwabo, bakhale kuNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, bethi kumele kubekhona akwenzayo ukubhekelela amaciko.
UNhlanhla ucele bonke abasemkhakheni wezokulingisa ukuba bagibele esiteji ngaphambi kokuba ethule inkulumo. Uqale ngokukhuluma ngobudlelwano abenabo noMenzi.
“UMenzi ungenzele okuningi. Wangibona kwiFamily Bonds lapho ngaqala khona ukulingisa. Wangifonela wathi ucela ngize kuyena. Wangibuza ukuthi ngiyayazi yini into engizifaka kuyona. Ngamtshela ukuthi uma naye akwazi, nami ngizokwazi. Wabe esengitshela ukuthi kumele ngazi ukuthi sengizophila ngokucela impilo yami yonke njengoba ngishiye umsebenzi ngathi ngifuna ukulingisa. Angisho ukuthi baba Nathi akukho okwenzayo kodwa siyacela ningenelele ukusilekelela, kunzima," kusho uNhlanhla.
U-Ayanda uthe uyezwa nje abanye bencoma umlando kaMenzi kodwa akusho lutho lokho uma ungezobeka isinkwa etafuleni.
“Njengoba engasekho uMenzi izingane zakhe nomkakhe bazodla umlando yini? Into ebalulekile wukuthi uma uhamba emhlabeni ushiyele umndeni wakho into ozophila ngayo," kusho u-Ayanda.
ULinda Sebezo naye ukhale ngosizi lwabalingisi, ethi abanalutho.
“Kumanje ngivela kuyona yonke imidlalo yethelevishini kodwa anginayo imali. Njengoba ngila bengihamba ngicela ukugitsheliswa abantu ezimotweni zabo ngoba asinalutho,” kusho yena.
Esegibela esiteji uNgqongqoshe uMthethwa uthe kuyamthusa ukuthi kuchithwa izicelo zabalingisi uma befuna ukwenza imidlalo. Wathi uzongenelela kulesi simo ukusilungisa.
Okhulumela omakoti bakwaNgubane, uNkk Dudu Ngubane, uthe uMenzi uhambe emhlabeni esebuyele esontweni.
“Ngesikhathi ngigana kwaNgubane, ngafika kungabantu abangalinakile kangako isonto kodwa ngokuhamba kwesikhathi bavele basindiswa bonke, bangena enkonzweni,” kusho uNkk Ngubane.
Ezinganeni zabafowabo ebezikhuluma esiteji, zithe uyise omncane ubebambekile kakhulu. Ziveze ukuthi kukhona isikhathi lapho azitshela khona ukuthi usefisa nokufa ngendlela abesezinhlungwini ngayo elele esibhedlela eMadadeni.
Inkonzo yomngcwabo kaMenzi ibe nomunyu kakhulu njengoba ubengcwatshwa kanye noyise. Ingakaqali inkonzo, kukhona abebekhihla isililo belokhu bethuliswa.
Namabutho angene ehuba eholwa wuNgizwe Mchunu kungalindele muntu njengoba ebengekho nasohlelweni lwenkonzo yomngcwabo.
Kubalingisi abebeyingxenye yalo mngcwabo bekukhona uThandeka Dawn King, uSibonile Ngubane, Sjava, Zakhele Mabasa, Abdul Khoza, uSiyabonga Thwala nabanye.
Kunandise uThinah, Thobekile, Dumi Mkokstad nabanye.