ISIQUBULE inkulumo mpikiswano ivideo kasaziwayo osengusomabhizinisi ogqugquzela intsha ngokuzakhela amathuba omsebenzi.
UDJ Sbu izolo ekuseni uvuke wafaka ivideo ekhasini lakhe lika-Instagram nelikaFacebook lapho ebonakala edayisa isiphuzo sakhe sodumo iMofaya maphakathi nothelawayeka womgwaqo. Le video ibihambisana nombhalo owakhayo nogqugquzela abantu ukuthi bangaliphonsi ithawula noma sekunzima empilweni.
Abanye bamshayele ihlombe ngokuvuka ekuseni ayongena emgwaqweni adayise kodwa abanye bavele bakhononda ngokuthi kuwukuphula umthetho lokhu akwenzayo ukudayisa kuthelawayeka wezimoto.
Le mpikiswano igcine seyenza abantu bangaqophisani nje kuphela kodwa abanye bagcine sebephakamisa ukuthi kumele asebenzise ezinye izindlela zokumaketha iMofaya njengokuthi asebenzise amabillboard azokhanga abashayeli.
Kule video uDJ Sbu akekho phakathi nomgwaqo lapho kuhamba khona izimoto kodwa ugibele kukhonkolo ohlukanisa umgwaqo wezimoto ezinyukayo nezehlayo, okungekho emthethweni. Noma egxekiwe ngalesi senzo, bakhona abanye abamesekile akayekwe ngoba uyazizamela futhi ababoni ephula umthetho ngoba kunabantu abadayisa ngisho kuma-tollgate kodwa abangathathelwa zinyathelo noma bagxekwe.
UDJ Sbu uthe ukugxekwa ngezinye zezinto abantu okumele bazi ukuthi bazobhekana nazo. "Ithemba yilona elizokwenza uphokophele phambili. Kuzokukhathaza, ubenomzwangedwa, bacabange ukuthi uyahlanya, kuzobabuhlungu kuzwele, kuzokuphithanisa ngekhanda, kubenzima, kushaye kuzwele ephaketheni nasemndenini wakho uzufikelwe umuzwa wokuyeka, ungalinge! Qhubekela phambili kuzohlangana ngelinye ilanga," kusho uDj Sbu.